EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

UTruter wexwayisa uManqoba Mngqithi ngokuya kuMaZulu

By Alfred Ngubane

Umqeqeshi weSekhukhune United, uBrandon Truter, usexwayise uzakwabo uManqoba Mngqithi ngokudukela kuMaZulu FC.

Uthi uma kwenzeka uMngqithi eshiya kwiMamelodi Sundowns, angalinge aye kuMaZulu ngoba kuyobe utheze olunenkume. 

UTruter ukhuluma kanjena nje kunamahebezi athi uManqoba Mngqithi nguye ozothatha izintambo Osuthwini ngesizini ezayo. 

Inkontileka kaMngqithi kwiSundowns iyaphela ngoJuni kanti akubonakali izovuselelwa njengoba kusathule kuze kube manje nje.  

“Angalinge aye lapho ngoba ngeke aluthole uzinzo kuMaZulu,” kusho uBrandon Truter engxoxweni yakhe neMpempe. 

“Laphaya bengaqeda ngaye aze agcine eseqeqesha amaqembu adlala kwiNFD noma kwi-ABC Motsepe League.”

Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje ubuya khona kuMaZulu kanti uhambe esevovekile.

“Ngifundile ukuthi akumele uthathe noma yimuphi umsebenzi,” kuqhuba lo mqeqeshi oke wapheka neSwallows FC. 

“Kodwa ke phela ngoba ayikho imisebenzi sokwenzenjani. Yingakho ugcina usuthatha okuvelayo ngoba umsebenzi awukho kuleli njengoba kuqashwa abaqeqeshi bangaphandle abangenawo amava.”

UTruter ungomunye wabaqeqeshi abangahlali nento engalungile futhi abazikhulumelayo. 

Nokho uManqoba Mngqithi kufanele ukube uyalwazi lonke usizi lwakuMaZulu njengoba ake waqeqesha kuleli phambilini.

Ngaleso sikhathi lwalusaphethwe nguMndeni wakwaSokhela uholwa nguPatrick nendodana yakhe uLunga.

Waxoshwa kungazelele muntu ngoba kukhalwa ngemiphumela ekubeni wayenikwe umsebenzi wokulakha kabusha iqembu.

UMngqithi uhalelwa kakhulu ngabalandeli beKaizer Chiefs ababona amava akhe engasiza leli qembu libuyise isithunzi salo. 

FUNDA NALA: USead Ramovic ugadla kubahlaziyi bakuleli, uthi amahlathi nje

Nokho akubonakali engaqashwa kuyo kwazise abaphathi baseneme ngo-Arthur Zwane okunguye onikwe lo msebenzi ekuqaleni kwale sizini. 

UManqoba Mngqithi ukhonjwa ngapha nangapha nje wehliselwe isikhundla kwiSundowns kule sizini, kwabekwa uRulani Mokwena ngaphezu kwakhe. 

Khonamanjalo, kukhona nezinkomba zokuthi uMngqithi angase abuyele ekhaya lakhe elidala iGolden Arrows ayosiza oMabhuti Khenyeza noVusumuzi Vilakazi.