EzakamuvaIbhola

EZAKAMUVA: Kuhlukana inhloko nesixhanti kuNabi neChiefs

SIHLE NGUBO

Kuvela ukuthi uNasreddine Nabi, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, uzolishiya leli qembu futhi sekuvunyelwene ukuthi kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kwakhe naMakhosi.

Ngokubika kweDiski Times, uNabi ngeke abe khona ebhentshini uma leli qembu selibhekene neKabuscorp S.C.P edlala kwiGirabola, e-Angol, emdlalweni weCAF Confederation Cup ngempelasonto.

Kuthiwa uNabi uvele usendleleni ebheke kubo eTunisia ukuyonakekela umkakhe olimale engozini yemoto ngenyanga edlule.

Lokhu kulimala komkhake kuholele ekutheni uNabi angabi khona emidlalweni emithathu yokuqala yesizini edlalwe yiChiefs.

Le midlalo iyinqobile iChiefs ithatha amaphuzu ayisishiyagalolunye kwiStellenbosch FC, iPolokwane City neRichards Bay FC.

UNabi ubuyele kwiChiefs wahlala ebhentshini okokuqala kule sizini ibambana neMamelodi Sundowns ngo 0-0 koweligi.

Emdlalweni wesihlanu iChiefs ishaye iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 obekuchaza ukuthi bese iqoqe amaphuzu angu-13 emidlalweni emihlanu yokuvula isizini.

Irekhodi elihle lokuqala isizini leChiefs lonakele ngoLwesibili ngesikhathi leli qembu laseNaturena lishaywa yiSekhukhune United ngo 3-1 kowePremiership, eFNB Stadium.

UNabi uqede isomiso sezindebe kwiChiefs ngesizini edlule, enqoba iNedbank Cup ngokushaya i-Orlando Pirates kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium.

Lo mqeqeshi ufike nethimba lakhe labaqeqeshi kwiChiefs, ngakho uma ehamba kungalindeleka ukuthi ahambe nalo.

Nokho lokho kubhekwe ukuthi kuhlaluke uma iChiefs seyiqinisekisa ukuthi uyahamba futhi ngeke esabuya.