Usefuna ukuzimela ekuqeqesheni uPhilani Shange owaduma kwi-Arrows
Alfred Ngubane
UPhilani Shange usefuna ukukhula emsebenzini wokuqeqesha ngokuthi athole iqembu azosebenza kulo ngokuzimela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uPhilani Shange useyibambe isikhathi eside kuThongathi FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship la abeyiphini khona.
Usesebenze nabaqeqeshi abahlukene abanamava amakhulu abafana no Johnny Ferreira, Simo Dladla, Papi Zothwane, Pitso Dladla noRonnie Gabriel.
Uthi kuningi akuncelile kulaba baqeqeshi abanamava. Ushiyile Thongathi FC ngonyaka odlule, wayoqeqeshw akwiG Friends edlala kwi-ABC Motsepe League.
“Ngazihambela mina kuThongathi, asixabananga. Bengifuna ukuthuthuka njengomqeqeshi ngike ngiyozihlola ukuthi sengikuliphi izinga,” kusho yena.
“Ngiyababonga namanje abaphathi boThongathi ngoba babengiphethe kahle, akukho la esake saphazamisana khona.”
Leli qembu ulithathe wacishe walinqobisa iligi njengoba lihlukaniswe amagoli noMsinga United.
UPhilani Shange wazakhela igama kwiGolden Arrows, Chippa United kanti wawabeka ethala amakhokho esedlala kuThongathi FC.
FUNDA NALA: IMamelodi Sundowns isayina isitobha seStellies
Ukuvezile ke ukuthi njengamanje kukhona amaqembu amfunayo adlala kwiDStv Premiership afuna azocija ezinkulisa zawo.
“Ngizolithatha leli thuba ngoba ngizobe ngisiza ukucija nokuthuthukisa abadlali bakusasa abasalambele impumelelo ebholeni.