Umqeqeshi weChiefs ukhale ngamaphutha bedliwa yiSekhukhune
SIHLE NGUBO
Ukhale ngamaphutha enziwe yiqembu lakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ngesikhathi beshaywa yiSekhukhune United ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
IChiefs ayidlalanga ibhola elihle kulo mdlalo futhi nasemuva ikhombise ukuba buthaka kakhulu.
“Senze amaphutha amaningi aholele emagolini ikakhulukazi uma sishaya amaphasi amade,” kusho uNabi kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Isizini yinde kumele siziqoqe, sizame ukulungiselela umdlalo olandelayo.
“Sizobaphusha abadlali ukuthi bakhohlwe umdlalo wanamuhla babheke phambili.
“Ngesinye isikhathi kwenzeka ingozi kodwa lokho akusho ukuthi kusuke kumele utatazele.”
ISekhukhune iyona esheshe yakhombisa ukuthi iwalambele amaphuzu uBradley Grobler eshaya igoli ngomzuzu wesihlanu.
Ngaleso sikhathi amaphasi eChiefs abengahlangani nhlobo, ibhola ilidedela kalula nasendaweni eyingozi.
Nokho abuyile Amakhosi ashaya igoli lokulinganisa kanti lize noFlavio da Silva ngomzuzu ka-13.
Isiwombe sesibili siphinde saqala kuyiChiefs ebeyenza amaphutha uma iphaselana ibhola.
Lokhu kwenze ukuthi uGrobler ashaye igoli lesibili ngomzuzu ka-50, kwacaca ukuthi akuhlangani kahle kwiChiefs.
Konakale kakhulu kunakuqala ngomzuzu ka-56 uThabang Monare eshaya igoli lesithathu iBabina Noko yahamba phambili ngo 3-1.
Kulo mdlalo uGrobler uqokwe njengomdlali ovelele, futhi bekumfanele ngemuva kokushaya amagoli amabili.
Ukunqoba kweSekhukhune kuyinyusele esicongweni kwilogi yePremieship, kanti ingelinye lamaqembu angakashaywa kule sizini.
Ngakolunye uhlangothi iChiefs ibishaywa okokuqala ngqa kule sizini futhi ibiqala nokudedela igoli.
Ngempelasonto iChiefs izodlala umdlalo weCAF Confederation Cup ekuhambeni nokuchaza ukuthi izothi ukusalela emuva emidlalweni yeBetway Premiership.

