Abaphathi beSundowns babize umhlangano ophuthumayo ngesimo seqembu
SIHLE NGUBO
Kuyaqhubeka ukungenami kubaphathi beMamelodi Sundowns mayelana nendlela izinto ezenzeka ngayo eqenjini selokhu kuqale isizini ka-2025/2026.
Leli qembu laseChloorkop likhombisa ukwehlelwa yizinga kule sizini, uma kuqhathwniswa namasizini edlule lapho belivutha khona.
Abafana Ba’Style sebethathe isicoco seligi amasizini ayishiyagalombili elandelana futhi bebesheshe bacacise ukuthi abanazimbangi.
Nokho kule sizini iqembu likhombisa ukwehla ngendlela elidlala ngayo futhi abaphathi balo kuvela ukuthi bashaya amakhala kakhulu.
Impempe ike yabika phambilini ukuthi umqeqeshi uMiguel Cardoso uhlezi ngesinqe esisodwa, ikakhulukazi ngemuva kokuhluleka ukufinyelela kowamanqamu weMTN8.
Emidlalweni yeligi iSundowns seyidlale ngokulingana neChippa United, iKaizer Chiefs neMarumo Gallants.
NgoLwesithathu ishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Lesi yisiqalo esingajwayelekile kwiSundowns, ngakho abaphathi beqembu sebekhethe ukuyibhunga le ndaba.
“Kusasa (ngoLwesine) kunomhlangano ophuthumayo wabaphathi beSundowns, mayelana nendlela iqembu elidlala ngayo,” kusho umthombo weMpempe ongashayi eceleni.
“Kukhona okuzayo kwiSundowns. Maduze nje.”
Ukushintsha kwezinto kompetha beligi kuqale ukubonakala ngesizini edlule.
Ngemuva kokuxoshwa kukaManqoba Mngqithi iqembu lizamile lanqoba iBetway Premiership kodwa kukhona obekushayisa amakhala.
ISundowns ishaywe yiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout, yaphinde yahluleka ukufinyelela kowamanqamu weNedbank Cup ngemuva kokushaywa yiChiefs kowandulela owamanqamu.
Kuphinde kwangahamba kahle iSundowns ishaywa yiPyramids SC kowamanqamu weCAF Champions League.
Abalandeli beSundowns bamgxeke kakhulu umqeqeshi uCardoso ngokungadlalisi uThemba Zwane noPeter Shalulile.

