I-Pirates neChiefs abakutholi nhlobo ukuphumula
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates neKaizer Chiefs abakutholi nhlobo ukuphumula kulezi zinsuku njengoba imidlalo yemiqhudelwano ehlukene iza ilekenyana kula maqembu aseSoweto.
NgoMgqibelo womabili la maqembu abedlala imidlalo yeConfederation of African Football (CAF), futhi adlulela phambili kwiCAF Champions League neCAF Confederation Cup ngokwehlukana.
NgoLwesibili iBucs izobuyela enkundleni njengoba izobhekana neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
IChiefs nayo ayizokuthola ukuphefumula ngokwanele njengoba izobhekana naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Ngempelasonto kuqala imidlalo yeCarling Knockout kanti izinkunzi zaseSoweto kumele ziphindele enkundleni.
IPirates izobhekana neSiwelele FC emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
NgeSonto iChiefs izolibangisa eKapa lapho izobhekana neStellenbosch FC kwiLast 16 yeCarling Knockout, eDHL Cape Town Stadium ngo-3 ntambama.
Imidlalo yeCAF izobuya ngempelasonto ka-Okthoba 17 lapho kuzodlalwa khona imidlalo yomzuliswano wesibili.
Kuzobe sekujoyina iMamelodi Sundowns neStellenbosch FC abangayidlalanga imidlalo yomzuliswano wokuqala, kwiChampions League neConfederation Cup ngokwehlukana.
Ukudlala imidlalo eminingi esikhathini esifushane sekuqalile ukuzwela kwiChiefs njengoba kukhona abadlali abalimalayo.
Kubadlali baMakhosi abathintekile kukhona uSiphesihle Ndlovu, uPaseka Mako, uRushwin Dortley noThabiso Monyane.
Nokho kukhona abadlali abasha kuleli qembu laseNaturena abangakadlali nowodwa umdlalo selokhu kuqale isizini.
Kulabo badlali kukhona u-Ethan Chislett, uNkanyiso Shinga, no-Asanele Velebayi, okuke kwaba nomdonsiswano ngaye phakathi kweChiefs neCape Town Spurs.
Ngasohlangothini lwePirates izinto zibukeka zihamba kahle ngemuva kokuqala isizini ngebatha ishaywa imidlalo emibil.
Okwamanje abekho abadlali abaningi beBucs abalimale futhi umqeqeshi wayo ubashintshanisa kahle abadlali emidlalweni ehlukene.

