EzakamuvaIbhola

ULucas Radebe unikwe isikhundla esikhulu kwiLeeds United

SIHLE NGUBO

Owayengukaputeni weBafana Bafana, uLucas “Rhoo” Radebe, useqokwe njengenxusa elisemthethweni leLeeds United edlala kwi-English Premier League (EPL).

URadebe wayedlalela leli qembu phakathi kuka-1994 no-2005, kanti wadlala imidlalo engu-262 egqoke imibala yalo.

Ngo-1998 wavotelwa njengomdlali owabashaya bonke emakhanda kuleli qembu ayengukaputeni kulona.

Le nkakha, esuke kwiKaizer Chiefs yaya kwiLeeds, yashiya e-England ihlonishwa kakhulu ngenxa yokwenza kahle kuleli qembu.

E-England kunezingane eziningi ezaqanjwa ngegama elithi Lucas ngenxa yedumela lwale nkakha.

Ngaphandle kwalokho kunobhiya obizwa ngaye okuthiwa yiRadebeer. Kunomgwaqo futhi obizwa ngegama lakhe.

Ekudlaleni kwakhe ibhola uRadebe unqobe isicoco seligi neChiefs ngo-1989, u-1991 no-1992.

Wayeyingxenye yeBafana Bafana eyaqopha umlando inqoba i-Africa Cup of Nations ngo-1996 eNingizimu Afrika.

KwiLeeds ayikho indebe ayinqoba kodwa wayeyingxenye yeqembu elashaywa kowamanqamu weLeague Cup ngesizini ka-1995/1996.

Abalandeli bebhola abaningi baseNingizimu Afrika bakholwa ukuthi uRadebe ungenye yezinkakha okumele zinikwe ithuba lokuphatha njengomengameli kwiSouth African Football Association (Safa).

Izinto zibuye zingahambi kahle kwiSafa futhi umengameli wayo uDanny Jordan useke wavela enkantolo ngecala lokukhwabanisa izogidi Zale nhlangano yebhola yaseMzansi.

Kukhona nabakholwa ukuthi uRadebe akahlonishwa ngendlela efanele eNingizimu Afrika, njengoba engaconsi phansi kwelamaNgisi.