‘Asifuni ukulahla amaphuzu kulandelana,’ kusho oweDowns
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns izozama ukuvuka izithathe uma seyibhekene neRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
Abafana Ba’Style baphuma ekutholeni induku okokuqala emidlalweni yeligi phakathi nesonto.
ISundowns ishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, emdlalweni engazange idlale kahle kuwona.
Lokhu bese kusho ukuthi seyilahle amaphuzu ayishiyagalolunve kule sizini, nokuyinto engavamisile ukwenzeka kuleli qembu laseChloorkop ngalesi sikhathi sesizini.
ISundowns seyidlale ngokulingana neChippa United, iKaizer Chiefs neMarumo Gallants, njengoba we-Arrows seyiyithele isibhaxu okokuqala kule sizini kweyeligi.
U-Aubrey Modiba ongumdlali wasemuva kwiSundowns uthi ngeke bavume ukulahla amaphuzu imidlalo emibili ilandelana.
“Yonke imidlalo inzima, uyabona ukuthi amaqembu enza kahle,” kusho uModiba.
“Sebeqoqe (iRichards Bay) amaphuzu aphelele emdlalweni odlule, okuchaza ukuthi bafuna ukwenza kahle kwiligi.
“Sesike sadlala nabo kule sizini. Nokho kulokhu kuzobe kungumdlalo ohlukile ngoba yiligi kanti lo omunye kwakungowomkhumulajezi.
“Silindele umdlalo onzima kodwa ngicabanga ukuthi siwulungele ngemuva kokushaywa yiGolden Arrows.
“KwiSundowns asifuni ukulahla amaphuzu imidlalo emibili ilandelana. Yilapho sihlale siqinile khona ngokomdlalo kwiligi.”
INatal Rich Boyz iya kulo mdlalo inokuzethemba kulandela ukushaya iMagesi FC phakathi nesonto.
La maqembu adlalile kwi-quarterfinal yeMTN8 kwanqoba iSundowns ngo 4-0 ekuqaleni kwesizini.
“Bayiqembu elinabadlali abaningi abasebancane ikakhulukazi abavela kwiDDC,” kuqhuba uModiba.
“Uyabona ukuthi balambile kakhulu. Ngicabanga ukuthi (uTlakusani) Mthethwa phakathi nenkundla ubelokhu eqokwa njengomdlali ovelele, okukhombisa ukuthi wenza iqembu liqine.
“Lowo umdlali okumele simqaphele. Babi kakhulu futhi uma behlasela, uGabadinho Mhango wenza kahle kakhulu kuleli qembu.
“Nokho ngicabanga ukuthi siwulungele umsebenzi osihlalele.
“Umoya uphansi kodwa ngeke silokhu sibambelele kulokho. Sinomunye umdlalo okumele silungise kuwona amaphutha.
“Ufika ngokushesha ngemuva kokuthi sishaywe yi-Arrows. Esikukhulumayo manje ukuthi sivuke sizithathe emdlalweni olandelayo.”

