EzakamuvaIbhola

UMokwena ucacisa ngekusasa lakhe kwiMamelodi Sundowns

By Sbongs Gumbi

IMamelodi Sundowns isazoqeqeshwa uRulani Mokwena isikhathi eside uma kuya ngokushiwo yilo mqeqeshi ngoLwesihlanu. 

Inkontileka anayo njengamanje iphela ngesizini ezayo kodwa usevele uqalile ukuxoxisana naleli qembu yize kukhona namanye amfunayo eceleni. 

Kuke kwanemibiko ethi kukhona amaqembu aseMorocco nase-Egypt aseke abuza ngesimo salo mqeqeshi osemncane kodwa owenza izimanga ekuqeqesheni. 

Lokhu kwavezwa yimenenja yakhe uSteve Kapelushnick kwabeSABC Sport ngenyanga edlule kodwa akangawadalula amagama alawo maqembu. 

Nokho uMokwena uveza ukuthi yena usafuna ukuhlala kwiMamelodi Sundowns abona esayikweleta isicoco seCaf Champions League.

“Iqembu lizomemezela maduze. Ngiyalithanda leli qembu,” usho kanje uMokwena kwabezindaba ngesikhathi behambise indebe yeDStv Premiership kubaxhasi babo iHyundai. 

“Uthando lwami luyakhula nsukuzonke. Ngithola ukwesekwa okumangalisayo kubaphathi kusukela kusihlalo, umndeni wakwaMotsepe, namalungu ebhodi elengamele iqembu. 

“Nabadlali ngisebenzisana kahle nabo. Yini ke enye ongathi uyayikhalela uma ungumqeqeshi?,” kuchaza lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns. 

Ubuziwe nangokuthi ngabe kuyiqiniso yini okwashiwo yimenenja yakhe ngokuthi kukhona amaqembu angaphandle amcuthele. 

“Angazi kodwa angiboni ukuthi imenenja yami beyingangihlohlisa,” kuchaza yena. Akuqinisekisile kodwa wukuthi uzobe esacija iMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.

Isicoco seligi usiwine kalula uMokwena futhi kucace kusasele imidlalo eyisikhombisa ukuthi siya eChloorkop. 

Nokho ugeje sekuthenjiwe kwiChampions League njengonba ewashiswe ijezi yiWydad Athletic yaseMorocco. 

FUNDA NALA: UBrandon Truter akafuni ukuzincoma, kodwa usophe ukuqopha umlando

Wethembisile ke kodwa ukuthi sona lesi sicoco bazogcina besitholile ngoba sibalulekile. Ivele ke iMamelodi Sundowns iyazenzela kwiligi yakuleli, sekushoda khona ukuthi ikhonye nasezwenikazi.