EzakamuvaIBetway Premiership

‘Siyazi ukuthi senzani,’ kusho owePirates sebeshaye iRockets

SIHLE NGUBO

Ubona beyazi kahle into okumele bayenze umdlali we-Orlando Pirates, uMasindi Nemtajela, ngemuva kokuthi beshaye iTS Galaxy ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Lo mdlali ushaye into ecokeme waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo obudle ngesivinini esikhulu.

“Bekungewona umdlalo olula. Ngibonga konke ukwesekwa enginikwa khona,” kusho uNemtajela.

“Siyazi ukuthi senzani futhi ngizoqhubeka nokuphusha. Ngiyajabula kakhulu.”

Ukuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo kwenze iPirates yanyukela endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.

Umdlalo ubushesha kusuka ngomzuzu wokuqala nobekuthembisa ukuthi kungase kubonakale inqwaba yamagoli.

BekuyiBucs ebifika emzini weRockets kuvalwe amehlo, kucaca ukuthi ifuna ukuthola igoli ngokushesha.

Lokhu kuhlasela kuholele ekutheni kudaleke iphenathi ngemuva kokuthi ukaputeni weTS Galaxy, uMlungisi Mbunjana, edlalise kabi uMasindi Nemtajela ebhokisini.

Iphenathi ithathwe ngu-Evidence Makgopa wayibeka phakathi ngomzuzu ka-20, kwachwaza i-Orlando Stadium.

IPirates ibingashaya amanye amagoli amaningi kulo mdlalo kodwa yahluleka kaningi isisendaweni enhle, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.

Lokhu bekwenza ukuthi iRockets ikholwe ukuthi ibisengalithola igoli lokulinganisa, icindezela ngemizuzu yokugcina.

Nokho igcine ingalitholanga igoli lokulinganisa nobekusho ukulahla amaphuzu amathathu, nokuhluleka ukunyukela endaweni yesithathu kwilogi.

Kunalokho kube yiPirates eshaye igoli lesibili nelize noTshegofatso Mabasa ngomzuzu ka-90+4.

IBucs bese kungokwesihlanu kulandelana ingalidedeli igoli emidlalweni yeligi, Kanti yagcina ukwenza lokhu ngoNovemba ka-2023.

IPirates izobhekana neSiwelele FC emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.