EzakamuvaIBafana Bafana

ISafa isukumela udaba lokuphucwa amaphuzu yiFifa

SIHLE NGUBO

ISouth African Football Association (Safa) seyinqume ukuludlulisela phambili udaba lokuthathelwa amaphuzu amathathu yiFifa njengoba kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba.

Lokhu kulandela ukuthi iFifa iwathathile amaphuzu amathathu atholwa yiBafana Bafana ibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.

Iqembu lesizwe lakuleli ladlalisa uTeboho Mokoena weMamelodi Sundowns enekhadi eliphuzi kulo mdlalo ngoMashi nonyaka.

EzikaHugo Broos zanqoba lo mdlalo ngo 2-0 kodwa ngemuva kwalokho kwavela ukuthi uMokoena kwakungamele adlale.

IFifa ithathe isinqumo sokuthi lo mdlalo awusabalwa nokuchaza ukuthathwa kwamaphuzu amathathu iBafana eyawathola kuwona, kanti ngokwalesi sinqumo seyishaywe ngo 3-0.

ISafa itshelwe ukuthi kumele ikhokhe inhlawulo elinganiselwa ku-R215 000 kwiFifa, kwathi uMokoena wanikwa isexwayiso.

Nokho inhlangano yebhola yaseNingizimu Afrika seyikhethe ukulusukumela lolu daba, nokuyinto eyicacise esitatimendeni esikhiphile.

“SiyiSafa sidumele kakhulu ngalo mphumela obungalindelekile,” kusho isitatimende seSafa.

“Esikuqaphelayo ukuthi lesi sinqumo sithathwe umuntu oyedwa ngaphandle kwezizathu, futhi inhlangano yanganikwa ithuba lokubeka uhlangothi lwayo ngokusemthethweni.

“Inhlangano seyingakuqinisekisa ukuthi sesicele izizathu ezibhalwe phansi mayelana nalesi sinqumo, futhi izimisele ukuludlulisela ekomitini leFifa eliqondene nalokhu lolu daba, zingakapheli izinsuku eziyishumi njengokwemithetho yeFifa.”

Abathintekayo baziswe yikomiti eliqondisa ubugwegwe leFifa ngoMsombuluko.

Banikwe izinsuku eziyishumi ukuthi kube khona abakwenzayo ngalesi sinqumo uma befisa kanjalo.

IBafana isalelwe imidlalo emibili kweyokuhlunga, ezoyidlala neZimbabwe neRwanda eNingizimu Afrika.

Izobhekana neZimbabwe ngoLwesihlanu okuzayo (Okthoba 10) eMoses Mabhida Stadium, bese itholane phezulu neRwanda ngo-Okthoba 13.

Uma kusewukuthi amaphuzu asehambile, izoya kule midlalo seyilingana ngamaphuzu angu-14 neBenin esendaweni yokuqala kwilogi kaGroup C ngenxa yomehluko wamagoli.

IBenin izobhekana neRwanda ekhaya, bese kuthi ngo-Okthoba 13 idlale neNigeria ekuhambeni.

INigeria yona isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-11 kwilogi kaGroup C.