IChiefs nengcindezi yokugudluza iBucs kwilogi yePremiership
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs inengcindezi yokunqoba uma seyitholana phezulu naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Okucindeza Amakhosi ukuthi i-Orlando Pirates ishaye iTS Galaxy ngo 2-0, yanyukela endaweni yesithathu kwilogi yePremieship ngoLwesibili ebusuku.
Njengamanje iBucs inamaphuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa, kanti iChiefs inamaphuzu angu-14 ngemuva kwemidlalo efanayo.
Ukunqoba kweChiefs kungayenyusela endaweni yesithathu, igudluze iPirates ngaphambi kwempelasonto yeCarling Knockout.
IChiefs igcine idlale ngokulingana ngo 1-1 neMarumo Gallants emdlalweni okwakumele iwunqobe.
Kulo mdlalo uGaston Sirino wageja iphenathi iChiefs seyivele ihamba phambili ngo 1-0.
Nokho kufanele ukuthi Amakhosi azofika enomfutho kuSuthu kulandela ukunqoba ngo 5-4, sekukhahlelwa amaphenathi, kwiKabuscorp yase-Angola ngempelasonto kwiCAF Confederation Cup.
Iphini lomqeqeshi kwiChiefs, uKhalil Ben Youssef, likholwa ukuthi bezinzima kakhulu izinsuku ezedlule kuMakhosi.
“Ukukhuluma iqiniso nje bekunzima kakhulu ngesonto eledlule,” kusho uBen Youssef.
“Bekunzima ngokomqondo kubadlali. Umdlalo womkhumulajezi, bewufana nowamanqamu kithina.
“Besinesimo sokuthi sishayiwe emlenzeni wokuqala, ngakho bekumele sishaye okungasenani igoli elilodwa ukuze siqhubekele phambili, siphinde singalidedeli igoli.
“Kumele ngibancome kakhulu abadlali ngoba sekungamasonto amathathu manje sidlala imidlalo njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili.”
IChiefs beyiye kulo mdlalo ilandela ngemuva ngo 1-0 kulandela ukushaywa emlenzeni wokuqala eLuanda.
Nokho ikwazile ukushaya igoli elize noGlody Lilepo, yaphoqa umdlalo ukuthi uye kumaphenathi.
NgoLwesithathu Amakhosi azokwazi ukusebenzisa umgadli omusha uKhanyisa Mayo, obingelele ngegoli bebhekene neGallants.
UMayo akabhalisile kwiCAF Confederation Cup okwamanje njengoba efike kwiChiefs sekudlule isikhathi sokubhalisa kulo mqhudelwano.
Ngasohlangothini loSuthu luzoya kulo mdlalo lusazokhotha amanxeba kulandela ukushaywa yiTS Galaxy ngo 3-1 emdlalweni odlule.

