Sesithathiwe isinqumo ngabebevinjwe yiSpurs ukuthi baye kwiChiefs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs seyizokwazi ukusebenzisa abadlali ababili ebasayinise ngaphambi kokuthi kuqale isizini besuka kwiCape Town Spurs, edlala kwi-ABC Motsepe League.
Lokhu kulandela ukuthi umehluleli weSafa, uHilton Epstein, enqume ukuthi u-Asanele Velebayi noLuke Baartman, bakhululekile ukuthi bajoyine leli qembu laseNaturena mahhala.
Ngokwalesi sinqumo iSpurs kumele inike uVelebayi noBaartman izincwadi ezibakhululayo ngaphandle kokulindela imali kwiChiefs.
Abaphathi beSpurs bebefuna ukukhokhelwa ngalaba badlali yize iqembu selidlala kwiligi yama-amesha.
I-Urban Warriors beyidlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, yadliwa yizembe yehlela kwi-ABC Motsepe League.
Lokhu bese kuchaza ukuthi izinkontileka abebenazo abadlali azisasebenzi, ngakho bangasayina emaqenjini abawathandayo mahhala.
ISpurs beyifuna iChiefs ikhokhe imali elinganiselwa ku-R8 million ngalaba badlali, izeseka ngokuthi iyona ebakhulisile.
Nokho umthetho webhola laseNingizimu Afrika awuhambisani ne-Urban Warriors, uma kukhulunywa ngeligi yama-amesha.
Konke lokhu kusho ukuthi iSpurs imoshe isikhathi nemali ngokufaka leli cala mayelana noVelebayi benoBaartman.
Khonamanjalo uFiacre Ntwari kulindeleke ukuthi avele ekomitini eliqondisa ubugwegwe leChiefs, kulandela ukwenqaba ukukhishwa bebhekene neStellenbosch FC kwiLast 16 yeCarling Knockout, eDHL Cape Town Stadium, ngeSonto.
Umdlalo bese uqonde kumaphenathi ngesikhathi abaqeqeshi beChiefs benquma ukuthi bazofaka uBruce Bvuma esikhundleni sikaNtwari.
Nokho lo nozinti wale waphetha ukuphuma kwaze kwaphoqeleka ukuthi bamyeke ukuze umdlalo uqhubeke.
IChiefs igcine ishaywe ngo 5-4 kulo mdlalo yize uNtwari evimbe iphenathi yokuqala ka-Andre de Jong.
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana ne-AS Simba yaseCongo emdlalweni womzuliswano wesibili womlenze wokuqala weCAF Confederation, ngempelasonto ka-Okthoba 17-19.
Umlenze wesibili useFNB Stadium ngo-Okthoba 24-26. Amaqembu azonqoba lapho azobe esedlala imidlalo yamaqoqo.
Emidlalweni yeBetway Premiership iChiefs izobhekana neSiwelele FC, eFNB Stadium, ngo-Okthoba 22.

