EzakamuvaIBafana Bafana

UYaya Sithole ufuna iBafana ilwe sengathi okokugcina koweZim

SIHLE NGUBO

Umdlali wasesiswini weBafana Bafana, uSphephelo Sithole, uke wazithola ebhekene nesikhathi esinzima kulandela ukulimala eseqenjini lesizwe okwenze wahlala isikhathi eside engalidlali ibhola.

Lo mdlali, oneminyaka engu-26, kudingeke ukuthi asebenze ngokukhulu ukuzikhandla, nangesikhathi isizini ivalile, ukuze abuyele enkundleni.

Lokhu kuzikhandla nokungalilahli ithemba kwenze uSithole, ogijima kwiCD Tondela yasePortugal, wabuyela kwiBafana Bafana.

Uyingxenye yeqembu lesizwe elibhekene nomqansa wokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 e-USA.

IBafana Bafana kumele iyinqobe nakanjani imidlalo emibili yokuhlunga eyisalele, ukuze izibeke ethubeni lokuya kwiNdebe yoMhlaba.

Izobhekana neZimbabwe emdlalweni wokuqala kule emibili, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

UYaya, njengoba aziwa kanjalo ebholeni, kungaba yinto enhle ukuthi adlale kulo mdlalo njengoba edabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal.

“Bekunzima kakhulu ngokomqondo ngoba uma ulimele awukwazi ukwenza lutho,” kusho uSithole owumkhiqizo weKZN Academy.

“Ngeke ukwazi ukulisiza ngalutho iqembu, into ongayenza kuphela ukuleseka.

“Into okwazi ukuyenza ukuxhumana nabadlali ngemiyalezo ku-whatsapp, futhi yilokho ebengikwenza.

“Bengibeseka ngesikhathi ngingekho lapha ekhaya futhi ngiyajabula ukuthi benze kahle.”

USithole wazi kahle ukuthi ubaluleke kangakanani umdlalo abazowudlala neZimbabwe eThekwini, ngoLwesihlanu.

“Sibe nomhlangano sisodwa sakhuluma, futhi siyazi ukuthi lo mdlalo esizowudlala neZimbabwe ufana nokufa nokuphila kithina,” kugcizelela uSithole.

“Kumele nakanjani siwunqobe uma kungukuthi sizimisele ngokuya kwiNdebe yoMhlaba.

“Wonke umuntu ukulungele lokho futhi uyazi ukuthi umdlalo okumele siwunqobe nakanjani.

“Sifuna nokwenza izwe liziqhenye ngathi ngoba sekuphele iminyaka engu-24 sagcina ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.”

IBafana Bafana izithole ithathelwa amaphuzu amathathu yiFifa, kulandela ukudlalisa uTeboho Mokoena kungafanele ibhekene neLesotho ngoMashi.

Lokhu kwenze yalingana neBenin ngamaphuzu angu-14, kanti iBafana isendaweni yesibili ngenxa yomehluko wamagoli.

Ngenxa yalokhu kubalulekile ukuthi iBafana Bafana inqobe ngamagoli amaningana, bese igweme ukuwadedela.

Kungayenza ingabi nengcindezi enkulu iBafana Bafana uma inganqoba ngoLwesihlanu, ngaphambi kokuyodlala umdlalo wokugcina neRwanda eMbombela Stadium ngoLwesibili.

Abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bazophinde babheke umphumela phakathi kweRwanda neBenin ngoLwesihlanu, okungumdlalo oqala ngesikhathi esifanayo noweBafana Bafana.