ISharks izobhekana neLeinster seyihlome ngamaBhokobhoko kowe-URC
SIHLE NGUBO
I-Hollywoodbets Sharks izohloma ngamaBhokobhoko ambalwa abeseTwickenham ngempelasonto edlule, azobe ekulungele ukubhekana neLeinster Rugby emdlalweni weVodacom United Rugby Championship (URC), e-Aviva Stadium, ngoMgqibelo ngo-6.30 ntambama.
Laba badlali babuye ngesikhathi esihle impela njengoba uMakazole Mapimpi no-Ethan Hooker bezoqala umdlalo ezimpondweni, kulo mdlalo wokugcina ekuhambeni.
UVincent Koch noBongi Mbonambi nabo bazoba khona ebhentshini kanti noSiya Masuku ubuyile.
Kolunye ushintsho uJason Jenkins uzongena endaweni kaDeon Slabbert.
Lo mdlalo wokugcina ekuhambeni yithuba lokukhombisa ukukhula kuleli qembu elakhiwe abadlali abasebancane, ngaphambi kokuthi iSharks ubuyele eHollywoodbets Kings Park ukuzodlala phambi kwabalandeli bayo.
Ngokubona kwephini likakaputeni, uLukhanyo Am, ukukhulisa isikwati bekukuhle kakhulu njengoba abadlali bamaBhokobhoko bebengekho, ukulimala nokunye ukuphazamiseka.
Lo mdlali ubalule ukuthi abadlali abasebancane abanikwe ithuba, balibambe kanjani ngazo zombili.
“Sihlabeke umxhwele kakhulu ngegazi elisha elingenayo eqenjini, elikhombise ukuzimisela okukhulu kule midlalo emibili edlule,” kusho u-Am.
“Yisekuqaleni kwesizini futhi sinethuba elihle lokukhula.”
Ngabe kusho ukuthini kwiSharks ukubuya kwabadlali abebesikwatini samaBhokobhoko?
“Abadlali abasezingeni eliphezulu, bazongena khaxa futhi ukuba nabo esikwatini sethu kuzosisiza nakanjani.”
Uvumile ukuthi iqembu likhuthazekile ukuqedela uhambo ngegiya eliphezulu, futhi ukuthi badlala neqembu elivikela indebe kwenza kube ngaphezulu.
“Umdlalo wokugcina ohambeni lethu futhi sibhekene neqembu elihle kakhulu,” kuqhuba u-Am.
“Kodwa lona umdlalo wonke umuntu ojabulile ngawo, nobheke ngabomvu ukuwudlala. Kuningi okumele sikukhombise sidlala neLeinster enkundleni yayo.
“ILeinster ibisekuhambeni kanti izobe idlala umdlalo wayo wokuqala ekhaya, sekubuye abadlali bayo beBritish & Irish Lions.
“Nathi ngapha sizobe sesihlome ngabadlali bamaBhokobhoko asebebuyile, ngakho sifuna ukuqeda uhambo lwethu ngegiya eliphezulu.”
I-Hollywoodbets Sharks ibophele kanje:
Simphiwe Matanzima
Fez Mbatha
Ruan Dreyer
Jason Jenkins
Marvin Orie
Phepsi Buthelezi
Emmanuel Tshituka
Vincent Tshituka (ukaputeni)
Jaden Hendrikse
Jean Smith
Makazole Mapimpi
Lukhanyo Am
Jurenzo Julius
Ethan Hooker
Edwill van der Merwe
Ebhentshini:
Bongi Mbonambi
Dian Bleuler
Vincent Koch
Bathobele Hlekani
Nick Hatton
Ross Braude
Siya Masuku
Francois Venter

