EzakamuvaIbhola

UMaart useyilungele iPirates ake wayigila esengubo

UYusuf Maart weKaizer Chiefs uthi umdlalo womkhaya wangempelasonto abazowudlala ne-Orlando Pirates mkhulu futhi bazowuthatha kanjalo.

Lo mdlali usho lokhu ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs iqumbe phansi omakoti iCape Town Spurs ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku. 

Kulo mdlalo bebengekho abalandeli ngenxa yokuhlawuliswa kweChiefs kulandela ukujikijela kwabalandeli bayo enkundleni, kabili kulandelana.

“Siyaphushana singabadlali ukuthi sisebenze kanzima uma siziqeqesha. Siyazi izinto zike zangasihambela kahle kodwa siyazama ukukulungisa lokho,” kusho uMaart oqokwe njengoMdlali oVelele kulo mdlalo.

“Umdlalo wangempelasonto (nePirates) mkhulu kakhulu. Nokho kithina yonke imidlalo ihlale imikhulu.”

Amagoli eChiefs ashaywe u-Edson Castillo, ngomzuzu ka-15, uRanga Chivaviro, ngomzuzu ka-25 noChristian Saile ngoka-83. 

Awe-Urban Warriors wona ashaywe uLuvuyo Phewa ngomzuzu ka-41 noLuke Baartman ngoka-90.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMaart wake washaya igoli engakaweqi nomugqa wesenta bebhekene neBucs, yawina kanjalo iChiefs.

Umdlalo weChiefs nePirates ungoMgqibelo ngo-3.30 ntambama khona eFNB Stadium. 

FUNDA NALA: U-Arthur Mafokate uveza isifiso sakhe ngoLuke Baartman

IBucs nayo izoya kulo mdlalo inokuzethemba ngemuva kokushaya iSekhukhune United ngo 1-0 phakathi nesonto.