Allie noDaniels: Amasosha angayifela iSpurs
Sihle Ngubo
UClayton Daniels noNazeer Allie, beCape Town City, babe nesandla kakhulu ekungcwatshweni kweMaritzburg United emidlalweni yokuhlunga esanda kusongwa.
Laba badlali bake bayibamba kwiTeam of Choice futhi amava abo abedingeka kakhulu ukuze bahole abafana abasebancane beSpurs.
Leli qembu laseKapa lishaye iMaritzburg ngo 1-0 emdlalweni wokuqala, kwathi kowesibili zabambana ngo 0-0.
UDaniels no-Allie bebevala thaqa emuva nokufakazelwa ukuthi iSpurs ayizange idedele nelilodwa igoli emidlalweni yokuhlunga.
ITeam of Choice yayidinga lona igoli elilodwa emdlalweni wokugcina, ukuze ingehleli kwiMotsepe Foundation Championship kodwa yala yaphetha iSpurs, yayositha ehlathini kanjalo iMaritzburg.
“Bengingeke ngikwenze ngedwa lokhu. UNazeer Allie ukhona, besiziqeqesha zonke izinsuku siphusha abafana abasebancane ukuthi baqonde lapho sifuna ukuya khona,” kusho uDaniels oneminyaka engu-38.
“Ngiyazi ukuthi abantu bazizwa kanjani eHarry Gwala Stadium. Ngazi kahle ukuthi bayalithanda iqembu kodwa bebengeke benze lutho ngokwenzeka esithe.
“Ngiyabazwela kakhulu kodwa kimina kusho lukhulu lokhu. Kuhle ukuthi sesibuyile kwiDStv Premiership. Ngiyabajabulela abaphathi nabo bonke abaseqenjini. Abadlali basebenze umsebenzi omkhulu.”
UDaniels wengeze ngokuthi, “ngajabula kakhulu ukubuyela ekhaya eKapa. Ngisebenza ngihlala ekhaya futhi ngilala ekhaya.”
U-Allie, naye oneminyaka engu-38, uthe baya eHarry Gwala bazi kahle ukuthi yini okwakumele bayilindele.
“Wonke umuntu wayelwa, singamasotsha sigaklaza imizimba yethu noma yikuphi. Abaphathi beqembu nabaqeqeshi bahlanganise iqembu elihle elixube intsha nabadlali abanamava,” kusho u-Allie.
“Ukubheka phambili ngifisa ukuthi baqhubeke nokuthatha izinqumo eziphusile ezizobeka iqembu endaweni engcono.”
FUNDA NALA: USteve Komphela ufuna uNgezana ‘abahlafune’, angajahi ukubuya
Ngabe u-Allie uzimisele ukudlala aze abe neminyaka emingakhi?
“Umzimba wami ngisawuzwa ukahle kakhulu ngakho ngizoqhubeka ngiphushe,” kuphetha yena.