USteve Barker udle amazambane ashisayo ngabafunwa yiChiefs
By Sbongs Gumbi
Ngabe uSteve Barker uzonqaba nabadlali abagaqelwe yiKaizer Chiefs eqenjini lakhe iStellenbosch FC kulokhu?
Lo mbuzo uvele ngemuva kokuthi lo mqeqeshi ephendule ngendlela eshiya imibuzo ngesikhathi ebuzwa ngalaba badlali.
IChiefs kuyaziwa ukuthi ihalela uSibongiseni “Ox” Mthethwa noJunior Mendieta abanngabanye babadlali abenze kahle kakhulu kwiStellies kule sizini.
Empeleni nje kuke kwabikwa ukuthi uMthethwa usevele uqedile naleli qembu laseNaturena, sekusele limethule kubalandeli.
Kodwa kuthe uma ebuzwa umqeqeshi wakhe kwiStellies, uSteve Barker ngalezi zindaba ngempelasonto, waphendula ngendlela engacacisi.
USteve Barker uthe kuseyimibiko yabezindaba nje ukuthi kukhona okukhona kodwa akukho osekusemthethweni okwenzekile.
“Kusengamahebezi abezindaba nje. Akulula ukukhuluma ngalento ngoba akukho okubambekayo ngakho,” usho kanje uSteve Barker.
Ube esechaza ukuthi njengoba bededele inqwaba yabadlali ngesizini edlule, bebegcina kulokhu sebefuna ukubagcina abadlali babo.
IChiefs ihlomule ngabadlali abathathu kulaba abadedelwe yiStellies ngesizini edlule njengoba yathola uPhathutshedzo Nange, Ashley Du Preez noZitha Kwinika.
Nokho ngaphandle kukaDu Preez, laba abanye abazange bawenze umehluko kwiChiefs futhi kungenzeka badedelwe njengoba kuvalwa isizini nje.
“Inhloso yethu ukuthi sibagcine abadlali bethu abasezingeni. Nathi sifuna ukukhula njengeqembu.
“Sihlulwe kumaphenathi kwiMTN8, kwasala kancane singene emidlalweni eyandulela owamanqamu.
“NakwiNedbank Cup sihlulwe kumaphenathi sekusele kancane singene kowamanqamu,” kuchaza le o mqeqeshi.
FUNDA NALA: Kuza umqeqeshi omusha kwi-Royal AM, kade yayimfuna
“Sekuyisikhathi sethu manje sokuthi… Besingene esigabeni esisha njengeqembu. Sidedele inqwaba yabadlali abanamava ngesizini edlule.
“Uhlelo lwethu bekuwukuthi kule minyaka emithathu sibagcine abadlali bethu ukuze silwele izindebe nathi,” kuchaza uSteve Barker.