EzakamuvaI-Confed Cup

IChiefs ethubeni lokudlulela kweyamaqoqo yeConfed Cup

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs inethuba elihle lokudlulela emidlalweni yamaqoqo yeCAF Confederation Cup, kulandela ukubambana ngo 0-0 ne-AS Simba, yaseDemocratic Republic of Congo, emdlalweni womlenze wokuqala, eTP Mazembe Stadium, eLubumbashi, ngoMgqibelo.

Yize lingekho igoli elishaywe Amakhosi ekuhambeni, ukuzibeka endaweni ungcono kuneqembu laseCongo, kodwa ukudlalela ekhaya umlenze wesibili kuwanika ithuba elikahle lokwenza kangcono phambi kwabalandeli bawo.

Kulo mdlalo kubonakale umgadli, uKhanyisa Mayo, obeqala ukudlala umdlalo weCAF selokhu efike kwiChiefs.

UMayo uthe ejoyina Amakhosi kwabe sekuqediwe ukubhalisa abadlali abebezoyibamba kwiConfederation Cup.

Lokhu bekuchaza ukuthi kumele alinde kuphele imidlalo yomzuliswano wokuqala ukuze abhaliswe ngokusemthethweni esikwatini seChiefs esiyibamba e-Afrika.

Umlenze wesibili useDobsonville Stadium ngeSonto (Okthoba 26) ngo-3 ntambama.

Okudingwa yiChiefs emlenzeni wesibili ukunqoba umdlalo bese idlulele phambili kweyamaqoqo.

Elingakudingi leli qembu laseNaturena ukudedela igoli kulo mdlalo noma kugcine kungu 1-1, okungasho ukuwasha ijezi kulo mqhudelwano.

Nokho ngaphambi kokudlala umlenze wesibili weConfederation Cup, iChiefs inomdlalo obalulekile weBetway Premiership phakathi nesonto.

Amakhosi azokwamukela iSiwelele FC koweligi eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

IChiefs iyadinga ukuwunqoba lo mdlalo weligi njengo ilahle amaphuzu emidlalweni emibili edlule, kungenasidingo.

Ibambane neMarumo Gallants ngo 1-1, yaphinde yadlala ngokulingana naMaZulu ngo 1-1 imidlalo ilandelana.

Yomibili le midlalo bekumele iyinqobe uma kubhekwa ukuthi ithole amaphenathi (kuyona yomibili) abadlali bayo, uGaston Sirino noGlody Lilepo, bawageja.

Leli qembu laseNaturena lisanda kukhishwa yoStellenbosch FC kwiCarling Knockout, ngakho liyadinga ukunqoba umdlalo walo olandelayo lapha ekhaya.