EzakamuvaIbhola

Kumapeketwane naseqenjini leDDC kwiChiefs 

IKaizer Chiefs ibhekene nezinselelo hhayi eqenjini layo elikhulu kuphela kodwa naseqenjini layo labafana abasakhuliswa.

Ngokusho komthombo, iqembu leChiefs le-DStv Diski Challenge linesalo nje isiphithiphithi njengoba sekunabadlali abayisikhombisa asebemisiwe.

Umdlali oyedwa kulabo usekhululiwe futhi usejoyine iTS Galaxy kanti omunye kubikwa ukuthi uhlolwa ikhono kuMaZulu FC.

Ngempelasonto kuvele  izindaba zokuthi kunezinkinga eqenjini elikhulu kwiChiefs, abadlali ababili babanjwe bephuze utshwala besemsebenzini.

Ngaphezu kwalokho, kuqubuke izinsolo zokungezwani kwezinhlanga, abadlali abamnyama kuthiwa abaneme ngempatho yabo uma beqhathaniswa nabamakhaladi eqenjini.

Lesi simo sesiphithiphithi sesidlulele naseqenjini leDiski okubikwa ukuthi kumapeketwane kulo. 

Iqembu manje selisebenzisa abadlali beGauteng Development League (GDL) emidlalweni yeDDC.

Kuthiwa abadlali beqembu leDDC abasele kwabona abeneme ngoba abalazi ikusasalibaphatheleni. 

Kuthiwa sebekhathele wukuba ngabafana abagada amabhola emidlalweni yeqembu elikhulu. 

Kuke kwakhona la iqembu lisebenzisa ezinye zezikhulu zeqembu ukwenza lo msebenzi, lavika ngokuthi yingoba abadlali beqembu lenkulisa babhala izivivinyo. 

Kodwa sekuvele ukuthi lokho akulona iqiniso, laba bafana bakhathele wukwenza lo msebenzi ikakhulu ngoba babona ikusasalimfimfa. 

Bakhala ngokuthi mancane amathuba okuthi bagcine bekhushulelwe eqenjini elikhulu.

“Ngisho labo abanenhlanhla yokukhushulelwa abanikwa ithuba eqenjini elikhulu,” kusho umthombo.

“Yingakho laba bafana bengasekho nkamunkamu ngokuba kuleli qembu. Bayabona phela kwamanye amaqembu ozakwabo bekhula bebashiya emuva.

“Lokhu akukho ongakuthokozela ngoba nabo banezifiso, kodwa manje bayakhula ngeminyaka, okulandelayo bazodedelwa bese kuphela ngabo.”