IPirates nomqansa wokudlulela kweyamaqoqo kwiChamps League
SIHLE NGUBO
Mancane amathuba e-Orlando Pirates okudlulela emidlalweni yamaqoqo yeCAF Champions League, kulandela ukushaywa yiSt Eloi Lupopo ngo 3-0 emlenzeni wokuqala emzuliswaneni wesibili, eDemocratic Republic of Congo ngeSonto.
IBucs yenze izinguquko ezintathu eqenjini elishaye iSiwelele FC emdlalweni weCarling Knockout.
UNkosinathi Sibisi, uSipho Mbule noKamogelo Sebelebele, bangene endaweni kaLebone Seema, uRelebehile Mofokeng (olimele) no-Oswin Appollis.
EZimnyama ziwuqale kabi umdlalo njengoba iqembu lasekhaya Iishaye igoli ngomzuzu wesithathu elize noWanet Kashala.
IPirates izamile ukubuya kulo mdlalo kodwa kwaba yiLupopo eshaya igoli lesibili elize noKambou ngomzuzu ka-70, kwacaca ukuthi ngeke ilibone elidlalayo iBucs.
Kubhede kakhulu ngesikhathi izivakashi zidedela igoli lesithathu elishaywe uTukumbane ngomzuzu ka-88.
IPirates seyibhekene nomqansa wokushaya amagoli amane, ingadedeli nelilodwa emlenzeni wesibili e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Abalandeli baleli qembu bazothemba ukuthi iBucs ingakwenza lokhu njengoba izobe idlalela enkundleni yayo, phambi kwenqwaba yabalandeli bayo.
Kuzoba nzima nokho ukushaya amagoli amane ngoba iLupopo ingavele izihlalele emuva bese ilinde ukuhlasela iPirates ngokuzuma.
Ngesizini edlule iBucs iphume kweyandulela owamanqamu kwiChampions League ishaywa yiPyramids SC yase-Egypt.
Leli qembu yilona eligcine lingompetha beChampions League kulandela ukushaya iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
ISundowns yona ihambe kahle kakhulu eNigeria njengoba ibhaxabule iRemo Stars ngo 5-1 ngeSonto emlenzeni wokuqala.
Abafana Ba’Style babukeka sebevele bezibekisele indawo emidlalweni yamaqoqo ngaphambi kokudlala umlenze wesibili ekhaya ngempelasonto.

