CAF Champions League

IPirates inambithise iCRB iNkota kaMohau kwiChampions League

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates iyivule kahle imidlalo yamaqoqo yeCaf Champions League ngesikhathi ishaya iCR Belouizdad ngo 2-1 eStade 5 Juillet, e-Algeria, ngoLwesibili ebusuku.

Ukunqoba kweBucs lo mdlalo ekuhambeni kuyinto enkulu njengoba kuhlale kunzima kakhulu ukunqoba imidlalo yasekuhambeni kwiChampions League.

Leli qembu laseSoweto lagcina ukunqoba umdlalo weChampions League ekuhambeni ngo-2013, ngesikhathi lishaya i-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-0.

IPirates ivele yasheshe yacacisa ukuthi ayiyele ukuyodlala e-Algeria ngesikhathi uMohau Nkota eshaya igoli ngomzuzu wesihlanu.

Ubuyile futhi uNkota ngomzuzu ka-27 washaya igoli lesibili leBucs yahamba phambili ngo 2-0.

Ukungashayi igoli lesithathu kwePirates, yize beyinalo ithuba lokwenza lokho, kubukeka kulinike ithemba lokubuyela emdlalweni iqembu lasekhaya.

UKhanyisani Mayo, ongene esuka ebhentshini ngesiwombe sokuqala, ushaye igoli ngomzuzu ka-66 kwaba ngu 2-1. Ngaleso sikhathi umdlalo ubusushintshe kakhulu sekuhlasela iCRB.

Umdlalo uphele sekuhlasela iCRB futhi kwale kancane ukuthi ithole igoli lokulinganisa ngaphambi kokuthi unompempe ashaye indweba yokuqeda umdlalo.