EzakamuvaIBetway Premiership

Ayixazululeki inkinga yokushaya amagoli kwiChiefs

SIHLE NGUBO

Ibukeka ilokhu ikhula inkinga yeKaizer Chiefs yokuhluleka ukushaya amagoli, kulandela ukuphinde ibambane neSiwelele FC ngo 0-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Le nkinga Amakhosi aqale isizini evele enayo, yize eke anqoba imidlalo emine ilandelana ekuqaleni kwesizini.

Okuhlalukayo ukuthi kuleyo midlalo emine uwodwa kuphela lapho iChiefs ikwaze khona ukushaya amagoli amabili.

Kube wumdlalo wokuqala lapho ishaye khona iStellenbosch FC ngo 2-0, kwathi eminye yayinqoba ngo 1-0.

Inkinga ilokhu iqhubeka njengoba leli qembu laseNaturena lingasanqobi manje, Iidlala ngokulingana.

IChiefs bese kungokwesithathu idlala ngokulingana emdlalweni weBetway Premiership, kanti okwesine uma kubalwa nomdlalo weCarling Knockout, eshaywe kuwona ngo 5-4 kumaphenathi.

Leli qembu laseNaturena ligcine ukunqoba umdlalo weligi ngokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0.

Ngemuva kwalokho iChiefs ishaywe yiSekhukhune United ngo 3-1, yadlala ngokulingana neMorumo Gallants ngo 1-1, AmaZulu FC ngo 1-1 neSiwelele ngo 0-0.

UCedric Kaze, ongomunye wabaqeqeshi ababambile kuze kuphele isizini kwiChiefs, uvumile ukuthi kukhona okumele bakulungise ngemuva komdlalo.

“Ngicabanga ukuthi siqale umdlalo singahlangene kahle, ikakhulukazi emuva,” kusho uKaze.

“Asizange siyifake ingcindezi kunozinti nabadlali bamaphakathi emuva, sabavumela ukuthi baphaselane ibhola bathole ukuzethemba, babe nesikhathi ebholeni.”

Yize ekhuluma kanje lo mqeqeshi kodwa ubukeka enabukelisa nje ngoba iChiefs ayizange idlale kahle kuwo wonke umdlalo.

Okuphawulekile ukuthi iqembu belishintshiwe okukholakala ukuthi yingoba kusekhona nomdlalo weCAF Confederation Cup ngempelasonto.

Kubonakale umgadli u-Etiosa Ighadora obedlala okokuqala egqoke imibala yaMakhosi. Ngesiwombe sesibili kungene uKhanyisa Mayo osheshe waphuma eselimele.

“Besingcono uma sihlasela, besazi sifuna ukwenzani. Sithole amathuba okushaya amagoli,” kuqhuba uKaze.

“Sithole amathuba phakathi ebhokisini, sathola amathuba okushaya iphasi yokugcina, sakhahlela, senze konke.

“Ngesiwombe sesibili siqale kahle imizuzu yokuqala engu-20 ngegiya eliphezulu nejubane.

“Sithole amathuba okushaya amagoli kodwa kwangenzeka.

“Ngebhadi ukulimala kukaMayo emizuzwini engu-15 yokugcina kwenze ukuthi sidlale singasaphelele, kwamele sicabange ukuthola okungasenani iphuzu.”

UMayo ulimale iChiefs seyiwuqedile uphawini wayo wokushintsha abadlali abahlanu, nokuphoqe ukuthi iqede umdlalo ingasaphelele.

Amakhosi anomdlalo obalulekile ngeSonto njengoba ezobhekana ne-AS Simba yaseDemocratic Republic of Congo, emlenzeni wesibili weConfederation Cup, eDobsonville Stadium, ngo-3 ntambama.

IChiefs iyawadinga amagoli kulo mdlalo njengoba umlenze wokuqala uphele ngo 0-0 eTP Mazembe Stadium, eLubumbashi.