EzakamuvaIkhilikithi

AmaProteas aziphindisele kwi-England eyibhaxa kwiNdebe yoMhlaba

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iyona izibuyise zishisa izinduku kwi-England iyishaya ngama-run angu-125 emdlalweni owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba yabesifazane, e-Assam Cricket Association Stadium, eGuwahati, ngoLwesithathu.

Iqembu lakuleli beliziphindiselela kwi-England elibhaxabule ngamawikhethi ayishumi emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba ka-2025.

Ngaphandle kwalokho i-England bese ishaye iNingizimu Afrika kweyandulela owamanqamu yeNdebe yoMhlaba kabili, ngo-2017 nango-2022.

I-England iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu emhlabeni wonke.

INingizimu Afrika yenze kahle kakhulu ihlanganisa ama-run angu-119 kwiwikhethi yokuqala, ngaphambi kokuthi kuphume uTamzin Brits esenze ama-run angu-45.

Ukaputeni uLaura Wolvaardt ubelokhu eyibambile yize abanye bebengena basheshe baphume.

U-Wolavaardt ugcine enze ama-run angu-169, nokusize iNingizimu Afrika ukuthi ihlanganise ama-run angu-319.

Lo mdlali uyena osezihola phambili ngama-run kule Ndebe yoMhlaba ezosongwa ngeSonto e-India.

Ngasohlangothini lwe-England kushwibe kahle uSophie Ecclestone, ogcine ethathe amawikhethi amane.

Iphendula i-England ayiqalanga neze kahle uMarizanne Kapp ekhipha uJones noKnight benamadada bobabili.

Ungenile no-Ayabonga Khaka wakhipha uBeaumont naye engakashayi neyodwa i-run.

Ukaputeni we-England uNat Sciver-Brunt uyibambe kahle no-Alice Capsey, okhishwe uSune Luus esena-50.

Ubuyile uKapp wathatha iwikhethi ebalulekile kaSciver-Brunt (64) kwacaca ukuthi iyakhanya indlela kumaProteas.

UKapp ugcine ethathe amawikhethi amahlanu kulo mdlalo, nokumenza kube uyena umdlali osethathe amaningi emidlalweni yeNdebe yoMhlaba yekhilikithi.

I-England ikhishwe yonke isenze ama-run angu-194, nobekusho ukuya kowamanqamu weNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa.

Ukunqoba kweNingizimu Afrika kusho ukuthi izobhekana noyedwa phakathi kwe-Australia ne-India, abazobhekana emdlalweni owandulela owamanqamu wesibili ngoLwesine.

Umdlalo wamanqamu ungeSonto kanti amaProteas azozama ukunqoba iNdebe yoMhlaba okokuqala emlandweni.