Umdlali wePyramids angase axoshwe unomphelo ebholeni
INTATHELI YEMPEMPE
Kungenzeka ukuthi sekuphelile ngomdlali wePyramis SC ebholeni, uRamadan Sobhi, otholakale enecala lokusebenzisa isikhuthazi esingadingeki emzimbeni wakhe.
Leli cala, eselithathe isikhathi eside, lifinyelele kwesinye isigaba ngoLwesithathu, ngesikhathi iCourt Arbitration for Sport (CAS) inquma ukugweba lo mdlali wase-Egypt iminyaka emine engazihlanganisi nebhola.
Lesi sinqumo sichaza ukuthi uSobhi ngeke athinte lutho ehlangene nebhola, kubalwa nokuziqeqesha imbala, kanti icala lizoqhubekela phambili kulindwe isinqumo esingujuqu sokugcina.
Izinkinga zalo mdlali ziqale ngo-Ephreli ka-2024, lapho i-Egytian Anti-Doping Organisation iveze ukuthi uSobhi umisiwe ngenxa yokuletha isampula ekokotelwe, ezama ukucima ubufakazi ngemuva kokuhlolwa.
Ngemuva kwezinyanga ezintathu isigwebo abenikwe sona sisusiwe kulandela ukuhlalelwa kodaba lwakhe. Nokho icala ligcine lidlulele kwiCAS ukuze ithathe isinqumo.
Imiphumela yakamuva yecala ikhipha uSobhi ekudlaleni ibhola kuze kube iCAS iqedela uphenyo lwayo, okuyinto eza nokungabaza okukhulu ngekusasa lalo mdlali oneminyaka engu-27.
Ithimba lezomthetho likaSobhi alivumi okwamanje ukwamukela ukuthi selihluliwe.
Ummeli wakhe, uZahran, uyagcizelela ukuthi bazoluqhubezela phambili udaba, balwe ngayo yonke indlela.
Uthe banobufakazi obusha ngakho bahlose ukuthola yonke into ngokugcwele.
Isinqumo sokugcina seCAS yisona esizocacisa ukuthi lokhu kuyinto yesikhashana nje, noma kuzobe sekuphele kanjalo ngoSobhi kunobhutshuzwayo.
IPyramids izobhekana nePower Dynamos yaseZimbabwe emdlalweni wesibili wamaqoqo weCAF Champions League, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Emdlalweni wokuqala leli qembu, elingompetha beChampions League, lishaye iRivers United ngo 3-0.
I-Pyramids ibe ngompetha beChampions League ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns kowamanqamu.

