IPirates izobhekana neBay eKZN koweCarling Knockout
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates izobhekana neRichards Bay FC, kowandulela owamanqamu weCarling Knockout ka-2025 esifinyelele esigabeni esishubile kakhulu.
Lokhu kuhlaluke kade kuqhathwa amaqembu azobhekana kweyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano, ngoLwesithathu ebusuku.
IPirates izibekisele indawo kweyandulela owamanqamu ngemuva kokushaya iMagesi FC ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku.
Ukushaywa kweMagesi, okuyiyona ebivikela le ndebe, kuchaza ukuthi kuzoba nompetha abasha balo mqhudelwano nonyaka.
IMarumo Gallants ishaye iStellenbosch FC ngo 4-0, eDr Molemela Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Leli qembu selizobheka neLamontville Golden Arrows ekuhambeni kowandulela owamanqamu, lapho lizozama ukuyodlala kowamanqamu weCarling Knockout okokuqala emlandweni.
Kulo mdlalo uPhilip Ndlondlo ushaye amagoli amabili, waqokwa njengomdlali ovelele.
“Besizikweleta thina ngalokhu. Besilokhu sidlala kahle ngakho bese kumele senze kahle,” kusho uNdlondlo kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Besilokhu siwakha amathuba, yinto enhle nokuthi sishaye amagoli amane.”
Igoli lesithathu leGallants lishaywe uMonde Mphambaniso, ongene esuke ebhentshini ngesiwombe sesibili.
IGallants ibingakaqedi ngeStellies njengoba u-Edgar Manaka eshaye igoli lesine sekuzophela umdlalo.
Kuphele umdlalo seliyishaya kakhulu eDr Molemela Stadium, nokwenze ukuthi unompempe angasengezi isikhathi ngemuva kwemizuzu engu-90.
INatal Rich Boyz, engelinye lamaqembu amabili aKwaZulu-Natal asele kulo mqhudelwano, izophinde idlale ekhaya nePirates.
Leli qembu lidlule kalula kwiDurban City ngo 3-1 ngempelasonto edlule, emdlalweni womkhaya waKwaZulu-Natal.
Izinsuku nezinkundla okuzodlalelwa kuzona zizoqinisekiswa yiPremier Soccer League (PSL) maduze nje.
Nokho kuqinisekisiwe ukuthi le midlalo izodlalwa ngempelasonto kaNovemba 8 no-9.
Okuhlalukile ngemidlalo yama-quarterfinal ukuthi wonke amaqembu abedlalela ekhaya anqobile.

