Ithuba lokugcina ku-Emmanuel Letlotlo owalahla ithuba kwiChiefs
Njabulo Shezi
Owayengumgadli weKaizer Chiefs, u-Emmanuel Letlotlo, uzothola ithuba lesithathu, futhi cishe okuzoba ngelokugcina lokuvuselela ibhola lakhe.
Lo mdlali umenywe amaqembu amabili adlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship ukuthi azohlolwa.
Umthombo osondelene nalo mdlali oneminyaka engu-27 ophuma enkulisa yeChiefs yiwo oveze lezi zindaba ngo-Emmanuel Letlotlo.
“Unenhlanhla yokuthi unabantu abakholelwayo ethalenteni lakhe nabasafuna ukumbona egqama ebholeni.
“Umoshile futhi sekuyisikhathi sokuthi avuke azithathe, alihloniphe ngendlela efanele ibhola njengomsebenzi wakhe, ” kusho umthombo.
“Cishe yithuba lakhe lokugcina leli. Uma noma yiliphi iqembu kulawa limthatha, kuzomele aphilele ibhola akhohlwe yikho konke okunye ukuze azibonakalise.”
U-Emmanuel Letlotlo wayengumdlali othembisayo esuka enkulisa enyuselwa eqenjini elikhulu kwiChiefs.
Kodwa ngebhadi udumo oluncane aluthola ngesikhathi ekhushulelwa eqenjini elikhulu lwamngena ekhanda.
Waqala ukwenza izinto ezingalungile futhi ekugcineni wadedelwa ngemuva kwemizamo eminingi yokumkhalima, alungise izindlela zakhe.
“Yiqembu elisha iMilford FC ethenge isitifiketi soThongathi neHungry Lions abakhombise intshisekelo ngaye.
“Womabili acele ukuthi ake asondele bezombonela eduze. Angazi ke ukuthi uzoqala kuphi kodwa yena usesimweni esihle impela,” kwengeza umthombo.
Khonamanjalo, omunye umdlali owaphuma enkulisa yeChiefs, uGiven Thibedi ukhonjwa kwiBaroka FC nayo edlala kuyo iChampionship.
UThibedi uke wagijima kwiSwallows la abebolekiswe khona yiChiefs. Kodwa kuthe uma kuphela inkontileka ngesizini ephelile, wakhululwa.
FUNDA NALA: Angase asheshe awuthole omunye umsebenzi ogajwe yiPirates
Ube esethathwa yoiCasric Stars emsayinise unyaka owodwa njengoba manje esekhonjwa kwiBaroka nje.
“Izimisele impela iBaroka ngaye. Futhi kungenzeka asayine maduze nje,” kusho umthombo.