EzaseSoweto seziphinde zaqola iRichards Bay umdlali
Njabulo Shezi
I-Orlando Pirates isishaye iRichards Bay ngestina, iyiduna unozinti ozakhele igama kwiNedbank Cup uSphamandla Gumede.
Lo nozinti osemncane ubevimba kwiDondol Stars edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng ngesizini edlule.
Udonse amehlo abahlwayi bamakhono bamaqembu ehlukene ngendlela adlale ngayo kwiNedbank Cup la iDondol Stars ize yafika kweyandulela owamanqamu.
Idlale ne-Orlando Pirates kulowo mdlalo futhi yahlulwa sekukhahlelwa amaphenathi. Lo nozinti ube esephenduka inyama.
UGumede waqokwa njengomunye wabadlali abasebancane abavelelile kwiNedbank Cup ngesizibi edlule.
Ngokubika kwabePhakaaathi uGumede ubesevumelene neNatal Rich Boyz ukuthi uzothuthela KwaZulu-Natal ayodlala kuyo.
Kodwa kuzwakala ukuthi usebuye wajika endleleni, wabuyela eGauteng la esezogijima kjhona kwi-Orlando Pirates, ngokusho komthombo osondelene nalo nozinti.
UGumede kubikwa ukuthi ubesohlwini lwamaqembu amaningi okubalwa kuwo iRichards Bay neSuperSport United ngemuva kokwenza kahle kwakhe kwiNedbank Cup ngesizini edlule.
“Umfana ubeseRichards Bay kanti bekubukeka sengathi ubesayina khona,” kucashunwe umthombo kanje.
“Ubekhona kwaze kwaba yilapho i-Orlando Pirates imshayela ucingo ukuthi abuyele eGauteng. Kumanje usekuyo futhi angase amenyezelwe maduze nje.”
Uma esayinwa, uGumede uzoba nguzozinti wesine kwiPirates njengoba ivele inoRichard Ofori, Siyabonga Mpontshane, Sipho Chaine noMelusi Buthelezi.
FUNDA NALA: UPitso Mosimane uncoma iSwallows ngokulanda uKomphela
Kodwa ke kuvele kunamahlebezi okuthi uMpontshane ngeke esasetshenziswa kakhulu futhi no-Ofori kungenzeka adayiswe.
IPirates igila iRichards Bay kanjena nje ivele isabubula kulandela ukushaywa ngestina yiKaizer Chiefs kumgadli uRanga Chivaviro.
Nokho kusabhekwe ukuthi izoyiyeka yini iChiefs noma izofaka icala njengokusabisa kukasihlalo wayo ngempelasonto.