UNuno Santos ube yinunu iDowns inqoba oweChampions League
SIHLE NGUBO
Kugqame ukushaya into ecokeme kukaNuno Santos ngesikhathi iMamelodi Sundowns ishaya iSaint Eloi Lupopo ngo 3-1 emdlalweni kaGroup C weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu kulandela isiphithiphithi esisuke leli qembu laseDemocratic Republic of Congo (DRC) libhekene ne-Orlando Pirates emasontweni edlule.
Umdlalo uqale kuyiSundowns ebiwuphethe, ihlasela iLupopo kuvalwe amehlo.
Akumangazanga ngesikhathi uNuno Santos eshaya igoli ngomzuzu wesihlanu, ngemuva kwebhola eligotshwe uMiguel Silva Reisinho.
ISundowns bekumele ishaye amanye amagoli amabili emizuzwini elandele leyo kodwa yadlala ngamathuba ewatholile.
Bese kubukeka sengathi zizoya ekhefini kungu 1-0 ngesikhathi iLupopo ithola igoli lokulinganisa elize noRamos Kashala Wanet, ngomzuzu ka-45.
Ngesiwombe sesibili izivakashi ziqale zabambelela kwangathi umdlalo ungase uphele zilingana.
Nokho ngomzuzu ka-61 uMarcello Allende ushaye igoli lesibili leqembu lasekhaya, kwachwaza iLoftus Stadium.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ube esekhipha uReisinho wafaka u-Arthur Sales, kucaca ukuthi ufuna amanye amagoli.
Ligcine liqhamukile igoli lesithathu ngomzuzu ka-77 kanti lize noNuno Santos, obeseshaya igoli lakhe lesibili.
Kulokhu iphasi ibiqhamuka kuSales, kanti kuvele kwacaca ukuthi iSundowns isiwatholile amaphuzu amathathu.
Emdlalweni olandelayo weChampions League iSundowns izolibangisa e-Algeria lapho izobhekana neMC Alger ngoNovemba 28.
Leli qembu, elicijwa uRulani Mokwena owake waqeqesha iSundowns, lishaywe yi-Al Hilal ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wamaqoqo ngoLwesihlanu.
EzikaMokwena beziqala ngqa ukushaywa selokhu kuqale isizini ka-2025/2026 njengoba ziqunjwe phansi yiqembu laseSudan.
Nakanjani uMokwena nezakhe bazofunda ukuvuka bazithathe uma sebebhekene neSundowns njengoba bezobe bedlalela ekhaya.

