IPirates izoshiywa umdlali omqoka ngemuva kwe-AFCON
SIHLE NGUBO
Isitobha se-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi, kulindeleke ukuthi silishiye leli qembu njengoba kuvela ukuthi iBucs seyivumile ukudedela lo mdlali osemncane.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi uMbokazi, osedume ngeleTLB, ubese-USA lapho ebeyoqedela ukusayina kwiChicago Fire edlala kwiMLS.
Kubikwa ukuthi lo mdlali weBafana Bafana oneminyaka engu-20 uzosayina ngemali elinganiselwa ku-R50 million kuleli qembu.
UMbokazi ufike eqenjini elikhulu kwiPirates washaya into ecokeme kulandela ukunikwa ithuba umqeqeshi oshiyile uJose Riveira.
Ngesikhathi ejoyina i-Al Ahly, lo mqeqeshi waseSpain, kuke kwavela ukuthi ubefuna ukuhamba noMbokazi.
Njengoba eseNingizimu Afrika uRiveiro, uke wabuzwa uThomas Mlambo ohlelweni lwakhe kwiSuperSport TV, ukuthi bakhona yini abadlali beBucs ayefuna ukuya nabo e-Egypt.
Lo mqeqeshi uphendule wathi: “Nakanjani bakhona abadlali abathathu noma abane bePirates engangifuna bahambe nami.
“Lokhu kwakuzokwenza kube lula ukuqeqesha i-Al Ahly ngoba kwakuzobe kunabadlali abayaziyo indlela yami yokwenza izinto.”
Njengamanje uRiveiro akanalo iqembu kulandela ukuchithwa yi-Al Ahly kusaphele izinyanga ezintathu kuphela imqashile.
UMbokazi kuvela ukuthi usazoyidlala imidlalo embalwa kwiPirates ngoba uzojoyina iqembu lakhe elisha ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (AFCON) eqala ngoDisemba 21 eMorocco.
Lokhu kuchaza ukuthi abalandeli bePirates bazobe sebemvalelisa emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ezowudlala neMarumo Gallants, ePeter Mokaba Stadium, ngoDisemba 6.
UMbokazi, waseHluhluwe, akayena umdlali wokuqala ukujoyina iMLS esuka eNingizimu Afrika.
Kukhona u-Olwethu Makhanya (Philadelphia Union), uBongokuhle Hlongwane (Minnesota United) noNjabulo Blom, oke wadlala kwiSt Louis City.
Ngasohlangothini lwePirates izobe seyidedela umdlali wesibili kule sizini kulandela ukuhamba kukaMohau Nkota, ojoyine iqembu laseSaudi Arabian i-Al-Ettifaq ngoJulayi, ngemali elinganiselwa ku-R40 million.

