EzakamuvaI-CAF Confederation Cup

‘Kumele sifunde emaphutheni ethu,’ kusho umqeqeshi weChiefs

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, ufisa abadlali bakhe bazame ukuqaphela nokukhula kulandela ukushaywa yi-Al Masry ngo 2-1 emdlalweni wamaqoqo weCAF Confederation Cup, eSuez Canal Stadium, e-Egypt, ngeSonto.

Amakhosi adedele igoli ngomzuzu ka-88 kade sekubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 1-1.

Bekuyikhona ehlulekile ukuyiphunga iChiefs, ibhola lawela ku-Inacio Miguel walishumpuza, lagcina likhale phakathi.

Ngaphandle kwalokho iChiefs ibisidlale kahle uDillon Solomons eshaya igoli lokulinganisa, ngemuva kokudala iphenathi kukanozinti uBrandon Petersen, okwenze Amakhosi alandela ngemuva ngo 1-0.

“Bekungokokuqala ukuthi abadlali bethu abayingxenye engaphezulu kuka-80% babe yingxenye yebhola ezingeni lezwekazi (i-Afrika),” kusho uBen Youssef.

“Kuhluke kakhulu kunePSL. Lapha kumele singaphazami kakhulu, siphinde sibe nendluzula.

“Kulesi sigaba imidlalo inqunywa izinto ezincane kakhulu. Uma uphazama noma umzuzwana owodwa nje, ungadedela igoli.

“Uma ngibuka indlela esidlale ngayo bekumele okungasenani sidlale ngokulingana. Kodwa kumele sifunde emaphutheni ethu.

“Sizowucubungula umdlalo, sibheke okuhle nalokho okungekuhle, bese siqhubeka nokusebenza.

IChiefs iyaphoqeleka ukuthi ithole amaphuzu agcwele uma seyibhekene neZamalek yase-Egypt emdlalweni wesibili wamaqoqo, eNew Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama.

“IZamalek ingelinye lamaqembu aphambili e-Afrika, futhi inamava emiqhudelwaneni yezwekazi,” kusho lo mqeqeshi.

“Kuzoba umdlalo inzima kodwa sifuna ukudlulela phambili, ngeke sikwazi ukwenza amaphutha ekhaya.

“Siyakudinga ukunqoba imidlalo yethu yasekhaya, siqoqe namanye amaphuzu ekuhambeni.”

IZamalek iyona engompetha beConfederation Cup, ngakho iChiefs kuzomele izibambe ziqine ngoMgqibelo.

Leli qembu livule imidlalo yamaqoqo ngokushaya iZesco United yaseZambia ngo 1-0 ngeSonto.