IChiefs iyiqale ngebatha eyamaqoqo yeConfed Cup
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs iyiqale ngebatha imidlalo yamaqoqo yeCAF Confederation Cup, ishaywa yi-Al Masry ngo 2-1 eSuez Canal Stadium, e-Egypt, ngeSonto.
Kulo mdlalo kaGroup D bekubukeka sengathi Amakhosi azobuya okungasenani nephuzu kodwa ayilahla ekugcineni.
Ngesiwombe sokuqala womabili amaqembu abengahlaselana kakhulu, kucaca ukuthi abesafundana.
Okunye okuhlalukile ngesiwombe sokuqala ukuthi abadlali bebewa kakhulu ngoba inkundla ibimanzi.
Ngesiwombe sesibili iqembu lasekhaya libuye selishintshe kakhulu, lihlasela kuvalwe amehlo.
Unozinti weChiefs, uBrandon Petersen, uvimbe amabhola amabili amabi, isifikile i-Al Masry.
Nokho lo nozinti udale iphenathi ngomzuzu ka-59 wayibeka phakathi uBonheur Mugisha.
Lokhu kwenze ukuthi ibhentshi leChiefs lenze ushintsho, kwangena uMfundo Vilakazi no-Asanele Velebayi endaweni ka-Ashley du Preez noPule Mmodi.
UVilakazi ube nomthelela egolini elishaywe uDillon Solomons ngomzuzu ka-66 njengoba kunguyena omphasele ibhola.
Ngemuva kwalokho amaqembu abesehlaselana kucaca ukuthi afuna igoli lokuwina.
Igoli liqhamukile ngomzuzu ka-87 liza noMohamed Hashem, yaphinde yalandela ngemuva iChiefs.
Ukushaywa kweChiefs kuyayicindeza ngaphambi komdlalo wayo neZamalek eNew Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

