UCele uzimisele ngokudla ese-Engen Knockout Challenge
Alfred Ngubane
U-Andile “Sguda” Cele, ocija iqembu labafana abaneminyaka engaphansi kuka-17 kuMaZulu FC, uthi ngeke bayithathe kancane imidlalo ye-Engen Knockout Challenge.
Usuthu oluncane ngelinye lamaqembu azogadulisana kule midlalo eseThekwini okuzophuma kuyo ompetha baKwaZulu-Natal kule midlalo emaqenjini abafana namantombazane.
UCele, owayeyinjini kwi-Orlando Pirates esengumdlali, uthi le midlalo ibalulekile kubo ngoba bafuna ukuyomela isifundazwe kwi-Engen Knockout Challenge ezingeni likazwelonke ngoSepthemba.
“Le midlalo izonika abadlali ithuba lokuzibonakalisa nakubaqeqeshi beqembu elikhulu. Nginabadlali abasebancane abalambele ukudlala emazingeni aphezulu ebholeni.
“Kuvele ke nomengameli waMaZulu, uSandile Zungu uyakugqugquzela ukuthi abadlali bethu bakhushulwele esikimini esikhulu.
“Akafuni ukuthi iqembu ligcine ngokuthenga nje, kodwa ufuna lizakhele abadlali abanohlonzo,” kusho uCele.
Lo mqhudelwano uzobaugubha iminyaka engu-20 wasungulwa kulokhu futhi kulindeleke ukuthi kube nabahlwayi bekhono be-Orlando Pirates naMaZulu FC.
Kubadlali abaphume kwi-Engen Knockout Cup singabala oBongani Zungu, Andile Jali, Khanyiso Mayo, George Maluleke no-Olwethu Mzimela.
UZungu kumanje udlala kwiMamelodi Sundowns kanti useke wadlala eFrance naseScotland phambilini.
UJali akanaqembu njengamanje kanti umataniswa namaningi ehlukene. Ubegijima kwiSundowns futhi naye useke wadlala naphesheya.
UMayo yena uwkiCape Town City. UMaluleka uke wagijima kwi-Ajax Cape Town, SuperSport United, Kaizer Chiefs neSundowns njengoba manje ekuMaZulu.
U-Olwethu Mzimela ukuMaZulu kanti ukhona nasemaqenjini esizwe abafana abasakhula.
FUNDA NALA: ISundowns Ladies izohlonipha u-Alex Shakoane ngeseCaf
Le midlalo izoqala ngoLweishlanu (namuhla) ezinkundleni ezingaphandle kweKing Spark Stadium kanti izosongwa ngeSonto ngoJulayi 2.