‘IChiefs idayise amajezi awedlula kude awePirates ngesizini edlule’
IKaizer Chiefs idayise amajezi aphindwe kabili kunawe-Orlando Pirates exhaswe yi-Adidas, ngaphandle kokuqukula indebe ngesizini edlule.
Lokhu kushiwo yinhloko yeKappa eNingizimu Afrika, uRicky Joseph. IKappa ibuyele ekuxhaseni iChiefs ngesizini edlule ngemuva kokuthi leli qembu laseNaturena lihlukane neNike.
IKappa yake yaba abaxhasi baMakhosi phambilini ngeminyaka yabo-1980/1990. UJoseph ukhuluma kanjena nje iChiefs isanda kukhipha ijezi layo elisha ezoligqoka ngesizini ka-2024/2025. Abalandeli bahlukene phakathi ngalo.
I-Pirates ikhale yemuka nendebe yeMTN 8 neyeNedbank Cup ngesizini edlule. Nalo leli qembu lisanda kukhipha umsiko walo omusha elizowusebenzisa ngesizini ezoqala.
“Ngingakutshela ukuthi iChiefs idayise amajezi aphindwe kabili kunePirates ngaphandle kokuphakamisa indebe,” kusho uJoseph kwiFARPost.
“Iqiniso ukuthi, futhi ngihlale ngikubalula lokhu, iKaizer Chiefs iyigama elikhulu eNingizimu Afrika nase-Afrika.
“Abalandeli ngabalandeli, ngeke silahlekelwe abalandeli bethu ngenxa yemibono embalwa ebhedayo kodwa kumele siqale ukuthola imiphumela emihle.”
IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership. Ayikho kwiMTN 8 njengoba iqede ngaphandle kweTop 8 kwilogi ngesizini edlule.

