EzakamuvaIBetway Premiership

USaleng ngeke abhekane nePirates emdlalweni weBetway Premiership

SIHLE NGUBO

UMonnapule Saleng, obolekiswe yi-Orlando Pirates kwi-Orbit College, ngeke adlale uma la maqembu esetholana phezulu emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesibili, ngo-7.30 ebusuku.

Lo mdlali ube sezindabeni isikhathi eside ngesizini edlule kulandela ukungabonakali egqoke imibala yeBucs kusukela ngoDisemba kwaze kwaphela isizini.

Kuvele imibiko eminingi ehlukene ngoSaleng, ngokungahoshelani nabaphathi beZimnyama.

Nokho obekuhamba phambili ukuthi ubedube ukudlala ngoba efuna ukukhushulelwa iholo lakhe.

Bekubhekwe ukuthi uSaleng alishiye iqembu ekupheleni kwesizini uma kubhekwa ukungezwani okube khona.

Nokho leli qembu linqume ukumbolekisa kwi-Orbit College lo mdlali, okuyiqembu ake walidlalela phambilini.

Ngokwesivumelwano sokubolekiswa uSaleng, uYanga Madiba noThuso Moleleki, abajoyine omakoti beBetway Premiership besuka kwiBucs, abavunyelwe ukudlala uma leli qembu libhekene nePirates.

Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu lizoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali abathathu ababalulekile.

USaleng usayidlale yomithathu imidlalo ye-Orbit College, kanti uModiba naye useke wayithola imizuzu embalwa.

Umdlali osalinde ukudlala okokuqala kuleli qembu, uMoleleki okuzomele alinde kancane.

I-Orbit College isendaweni ka-12 kwilogi ngemuva kokunqoba umdlalo owodwa kwemithathu esiyidlalile.

Ishaye iSiwelele FC kodwa yathola isibhaxu kuMaZulu FC neSekhukhune United.

IPirates isakwaze ukunqoba umdlalo owodwa lapho ishaye iStellenbosch FC ngo 1-0.

Ngaphambi kwalokho ishaywe yiSekhukhune United neMarumo Gallants emidlalweni emibili yokuvula isizini.

IBucs ihambela phezulu ngemuva kokuwashisa ijezi iMamelodi Sundowns kwiMTN8 ngempelasonto.

Izodlala owamanqamu weMTN8 neStellenbosch ngoSepthemba 13 enkundleni esazimenyezelwa.