IDowns izobhekana eziqwini zamehlo noRulani Mokwena oyaziyo
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns kumele ikhombise ukuthi iqine kangakanani uma seyitholana phezulu neMC Alger emdlalweni wamaqoqo weCAF Champions, eStade Ali Ammar Dit Ali La Pointe, ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
Ngaphandle kokuthi Abafana Ba’Style bazobhekana noRulani Mokwena, obazi njengentende yesandla sakhe, bazoyifica ilobizela ukunqoba kakhulu iMC Alger.
UMokwena uke wayiqeqesha iSundowns futhi beyenza kahle kakhulu ngaphansi kwakhe.
Leli qembu lase-Algeria liyiqale ngebatha imidlalo yamaqoqo yeChampions League, lithelwa othulini yi-Al Hilal yaseSudan ngo 2-1 ngempelasonto edlule.
Bekungokokuqala ngqa ezikaMokwena zithola isibhaxu kule sizini, futhi akungabazeki ukuthi lokhu akwehlanga kahle kulo mqeqeshi waseNingizimu Afrika.
Lokhu kuchaza ukuthi iSundowns kumele ifike izimisele kulo mdlalo, ngoba izobe ibhekene nengwe emanxebanxeba, efuna ukukhiphela isibhongo kunoma ubani enqwamana naye.
Ngasohlangothini lweSundowns iyiqale kahle imidlalo yamaqoqo ibhaxabula iSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo ngo 3-1, eLoftus Stadium, ePitoli.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ufisa baye kuKhisimusi beshaya amaphiko eqoqweni labo uGroup C.
“Sizothatha ikhefu lemidlalo yomhlaba kungekudala, ngakho kubalulekile ukuthi iqembu lizibeke endaweni engcono kwiChampions League,” kusho uCardoso kuleli sonto.
“Yilokho esizozama ukukwenza ngoLwesihlanu – ukudlala umdlalo omuhle bese sithole umphumela omuhle esingakwazi ukuwuthola.”
Lo mqeqeshi uyazi nokho ukuthi ngeke kube lula e-Algeria, bebhekene neqembu elinomgqigqo omuhle selokhu kuqale isizini.
“Nakanjani lo mdlalo uzobe ushubile kakhulu,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Kuzocaca ukuthi abadlali abanamava bazophakama yini, bese kuthi labo abanovalo bajwayele ukuswaba kancane.
“Kodwa sibona lesi simo esifana nalesi esizobhekana naso, kuyizinga eliphezulu, kuyinto ekahle futhi kusigqugquzela kakhulu.
“Uyazi sengike ngaya eTunisia ngakho ngike ngabhekana nesimo esinje.
“Nathi sinamava kakhulu emidlalweni enjena, kade sihamba Afrika. Siyakuthanda lokhu.”
UCardoso uke waqeqesha eTunisia lapho ebecija i-Esperance de Tunis ngo-2024, ngaphambi kokujoyina iSundowns ngoNovemba.
Nakanjani lo mqeqeshi wasePortugal uyazazi izimo zasenhla ne-Afrika, futhi uzoludinga lolo lwazi ngoLwesihlanu ebusuku.

