EzakamuvaIBetway Premiership

Usephinde waxoshwa kwelinye iqembu lePSL uHunt

SIHLE NGUBO

Ligcine ligcwale umoya ijazi kobengumqeqeshi weDurban City, uGavin Hunt, ngemuva kwemiphumela engemihle kuleli qembu laseThekwini.

Lokhu kuqinisekiswe yilona iqembu esitatimendeni elisithumele kwabezindaba ngoMsombuluko.

Izinto bese zithanda ukungahlangani kwiCity yize ibiyiqale kahle isizini.

“IDurban City Football Club ingakuqinisekisa ukuthi iqembu nomqeqeshi uGavin Hunt, sebehlukene ngokuvumelana ngokushesha,” kusho isitatimende we City.

“Lesi sinqumo silandela izingxoxo phakathi kwebhodi yabaqondisi noHunt, lapho kuphunywe nesinqumo ngesimo seqembu nendlela ebheke phambili.

“Lesi yisinqumo okufinyelelwe kusona ngokuvumelana kuhanjiswa phambili isimo seqembu.”

UHunt ube nesimo esifanayo ngesizini edlule exoshwa yiSuperSport United ingakapheli isizini.

Leli qembu licisho ladliwa yizembe kodwa libambelele ekuhlaleni kwiBetway Premiership.

Kugcine kuphelile ngeSuperSport njengoba idayisiwe yashintshwa igama kwaba iSiwelele FC.

Ngaphambi kwalokhu uHunt uchithwe yiKaizer Chiefs neChippa United ngakho ukungahambi kahle kwemiphumela.

“Siyambonga uHunt ngokuzinikela kwakhe nokusebenzela iqembu ngesikhathi enathi, futhi simfisela impumelelo kulokho azokwenza kusasa,” kusho usihlalo weqembu uFarook Kadodia.

“Ibhodi ikholwa ukuthi ukuthatha indlela entsha kusemqoka ukuze sifeze amaphupho ethu.”

Emdlalweni olandelayo ngoLwesithathu iCity izobhekana ne-Orbit College nayo ebamba iyeka emidlalweni yeBetway Premiership.

Kulo mdlalo uPitso Dladla obeyiphini likaHunt uyena ozobe ehlezi ebhentshini.

Iqembu lithembisa ukuthi lizosebenza ekutheni lithole umqeqeshi omusha maduze nje.

Emdlalweni wakamuva weligi iCity ishaywe yi-Orlando Pirates nokuyiyona okubukeka kushayele isipikili sokugcina kuHunt.