EzakamuvaIbhola

U-Ellis uchaza eyokuziba u-Andile kwiBanyana eNdebeni yoMhlaba

Sbongs Gumbi

Ukungadlalisi u-Andile Dlamini kwamakhela isigcwagcwa kwabanye babalandeli bebhola kuleli umqeqeshi weBanyana Banyana uDesree Ellis. 

IBanyana ihlulwe esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano, ose-Australia naseNew Zealand, okuyinto encomekayo nekhomba ukukhula kuleli qembu.

Kodwa ukuzitshwa kwalo nozinti weMamelodi Sundowns emidlalweni yeNdebe yoMhlaba akwehlanga kahle kwabaningi kuleli. 

Nokubhacaza kukaKaylin Swart obekunguye obeqaliswa imidlalo kwafana nokubhunyela uphethiloli emlilweni osha ubuhanguhangu. 

U-Andile nguye obelokhu eyisethenjwa sikanozinti futhi nangesikhathi iBanyana inqoba iCaf Women’s Africa Cup of Nations waba yiqhawe. 

Ukuzitshwa kwakhe kuze kwasusa izinsolo zokuthi uyajeziswa ngenxa yokuthi nguye owaqala isiteleka sabadlali ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba.

Kwabuye kwanezinsolo zokuthi mhlawumbe unokulimala okuncane okwesatshwa ukuthi kuzomgqilaza uma eqala imidlalo. 

Kodwa u-Ellis usekuchithile konke lokho njengoba eveze izizathu zakhe zokuqoka iqembu abedlala ngalo. 

“Ayikho into engalungile ebikhona ngo-Andile, ubekulungele ngokugcwele ukudlala,” usho kanje u-Ellis kwabeRadio 2000. 

“Yize ebengadlali kwiSundowns Ladies isikhashana (ngenxa yokulimala), sasingeke sihambe naye engakulungele ukudlala. 

“Ukuqoka kwethu uKaylin bekungoba ungcono uma ibhola lisezinyaweni. Uma sicindezelekile, uyakwazi ukusikhulula ngokushaya ibhola eliya phambili. 

“Besikudinga lokho emaqenjini afana neSweden ebesazi ukuthi azosicindezela,” kuchaza u-Ellis. 

“Zonke lezo zinto sazibheka ngaphambi kokuqoka iqembu. UKaylin usisizile emidlalweni eminingi kulo mqhudelwano. 

“Ngokomqondo ubeqine kakhule. Sibhekene ne-Italy wavimba ibhola elinzima kabi. Ngisho uJermaine (Seoposenwe) washo ukuthi safika esigabeni somkhumulajezi ngaye.”

Kodwa amaphutha kaKaylin abenzima ukuwemukela kwabanye babalandeli abebekholwa wukuthi kunamagoli ayengawavimba. 

FUNDA NALA: UCaleb Bimenyimana ubonge uMdali exoshwa yiChiefs

Emdlalweni wokugcina wadedela ibhola selisezandleni, lasho layokhalakathela enethini, kwaba wukubhimba kwezinto, yabuya ekhaya iBanyana.