EzakamuvaIbhola

Ezintsha ngomqeqeshi weCameroon, ngabe yithuba likaPitso?

I-Fifa seyimsusile umqeqeshi uMarc Brys njengomqeqeshi weqembu lesizwe laseCameroon kwiwebhisayithi yayo. 

Lolu shintsho lulandela ukumiswa kukaBrys nguSamuel Eto’o, ongumengameli weCameroonian Football Federation (Fecafoot). 

Ngakho-ke, uMarc Brys akasekho ohlwini lwabaqeqeshi bamaqembu esizwe njengoba ebefakwe ngaphansi kweleCameroon kuwebhisayithi esemthethweni yeFifa. 

Nezitatimende ezibhalwe ngesiNgisi nesiFrench evezishicilelwe kule webhisayithi ngokuqashwa kwakhe phambilini zisusiwe.

Isinqumo sika-Eto’o sokumisa uBrys sisukela esinqumweni sakamuva sekomit elilamula izingxabano. 

Isinqumo saleli komiti sigunyaze ukumiswa kwabasebenzi bethimba lokuqeqesha be-Indomitable Lions, abaqokwe yiFecafoot. 

Ngokuthobela lesi sinqumo, iFecafoot ithathe isinyathelo sokumisa ukuqokwa, okuholele ekususweni kukaBrys esikhundleni sakhe.

Lokhu kugqamisa isimo sezokuphathwa kwebhola laseCameroon, ezithinta ithimba labaqeqeshi beqembu lesizwe. 

Isimo sisalokhu siguquguquka, futhi kulindelwe ezinye izibuyekezo ezivela kwiFifa neFecafoot njengoba kusacutshungulwa imiphumela yesinqumo sekomiti elilamula izingxabano. 

UBrys ubeqashwe wumnyango wezemidlalo kuleliya lizwe ngaphandle kokuxoxisana neFecafoot, okuyinto ephambene nemithetho yeFifa. 

Ubeqashwa nje kulandela ukuxoshwa kukaRigobert Song obecija leli qembu kodwa wamhlula umsebenzi – okucace kakhulu kwi-Africa Cup of Nations ngasekuqaleni konyaka. 

Khonamanjalo, uPitso Mosimane ngomunye wabaqeqeshi abangase bavumbuke kulo msebenzi njengoba eseke wasiveza isifiso sokuqeqesha iqembu lesizwe.

Wathi into esisele emsebenzini wakhe wukuhamba nezwe lesizwe aye eNdebeni yoMhlaba.