UHugo Broos ugxeka iBucs noMbokazi ngakubiza ‘ngombhedo’
SIHLE NGUBO
Ubhodla umlilo umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngakubiza ngokungaziphathisi okomdlali webhola elikhokhelayo, kukaMbekezeli Mbokazi we-Orlando Pirates.
Lokhu kulandela ukufika sekudlule isikhathi ekhempini yeBafana Bafana kwalo mdlali, njengoba iqembu lilungiselela i-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco kusuka ngoDisemba 21.
IBafana Bafana ilungiselela ukubhekana neGhana emdlalweni wobungani ngoLwesibili (uDisemba 16) eGauteng, ngaphambi kokubhekisa amabombo kwi-AFCON eMorocco.
EzikaBroos zizobhekana ne-Angola emdlalweni wokuqala we-AFCON eqoqweni lazo, ngoDisemba 22.
Nokho kukhona osekwenyusela umkhulu ushukela ngendlela yokuziphatha kaMbokazi, elingangatshazwa ikhono lakhe.
“UMbokazi ufike manje nje. Ngicabanga ukuthi emizuzwini engu-15 edlule,” kusho uBroos waseBelgium, ekhuluma nabezindaba.
“Bengingafuni ukukhuluma ngale nto kodwa kulungile, ubuze umbuzo.
“Ngicabanga ukuthi unelungelo lokwazi ukuthi angeneme ngalokhu akwenzile.
“Usitshele ukuthi ushiywe yibhanoyi izolo eThekwini. Umqeqeshi wePirates ongazisile ungitshele lokho, ubediniwe ukuthi ushiywe yibhanoyi.
“Lawo bekungamazwi akhe, yindlela yokuziphatha engalungile. Ngicabanga ukuthi ngike ngakhuluma nani ngendlela yokuziphatha engamukelekile yabadlali baseNingizimu Afrika.
“IPirates ibe seyingithumelela umyalezo onombhedo (nonsense), umbhedo wangempela ukuthi kungani eshiywe yibhanoyi.
“Umbhedo nje lowo, iyona into embi ngayo. Ukuthi iqembu livikela umdlali ngokungaziphathi kahle kwakhe.
“KuseNingizimu Afrika la, futhi lokhu kubi kakhulu. Kubi nje kakhulu.”
Abadlali beBafana Bafana bekulindeleke ukuthi bafike ekhempini ngoMsombuluko, abanye ngoLwesibili ePitoli, ikakhulukazi abePirates njengoba kade idlala owamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo.
Akwaziwa ke ukuthi uMbokazi ubesebekwa yini eThekwini, nokuthi ubeyinikiwe yini imvume yokuya lapho, njengoba umdlalo wamanqamu weCarling ubuseMbombela Stadium ngoMgqibelo.
IPirates izobhekana ne-All Stars kwiCarling Black Label Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Nokho abadlali beBucs abayisishiyagalolunye ngeke babe yingxenye yalo mdlalo ngoba badingeka ekhempini yeBafana Bafana.
Akukona okokuqala uBroos ezwakalisa ukungenami ngokufika ekhempini yeBafana Bafana komdlali sekudlule isikhathi.
Uke wezwakalisa ukunengeka ngesenzo esifanayo sikaJayden Adams weMamelodi Sundowns ezinyangeni ezedlule.

