AmaProteas

UBaartman noDe Kock baweze amaProteas eshaya i-India koweT20

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika ibuyise ithemba lokunqoba imidlalo ewuchungechunge yeT20, ishaya i-India ngama-run angu-51, e-New PCA Stadium, eNew Chandigarh, ngoLwesine.

AmaProteas abekudinga ukunqoba lo mdlalo wesibili kulandela ukushaywa kabuhlungu kowokuqala ngoLwesibili.

Lokhu kunqoba kuchaza ukuthi sezibambene ngo 1-1 kule midlalo emihlanu ewuchungechunge yeT20.

I-India iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo. Bekunamazolo enkundleni ngakho abashwibi bebekuthola kunzima ukushwiba.

Kube ukudlala kahle kukaQuinton de Kock, ophume esehlanganise ama-run angu-90, okwenze amaProteas azithola esendaweni enhle.

Ubelekelelana nokaputeni u-Aiden Makram (29) ongene sekuphume uReeza Hendricks, obeqale noDe Kock.

Abanye abadlale kahle kubhetha iNingizimu Afrika, uDavid Miller (20*) noDonovan Ferreira (30*).

Iphendula i-India iqale kabi ilahlekelwa amawikhethi amathathu ngokushesha, okuyicindeze kakhulu.

Bekubhoke uMarco Jansen, othathe amawikhethi amabili kwi-powerplay, walekelwa uLungi Ngidi othathe yaba yinye, abuye wayengeza ngasekupheleni komdlalo aba mabili.

UTilak Varma (62) uzamile ukubambelela kodwa ubelokhu eshoda nabezobambisana nabo, belokhu bephuma.

Omunye umdlali obhethe kahle kwi-India uJitesh okhishwe uLutho Sipamla esehlanganise ama-run angu-27.

USipamla ugcine ethathe amawikhethi amabili, kwathi-Ottneil Baartman, oshwibe kahle kakhulu, wathatha amane.

UBaartman obe umdlali wosuku uthe: “Kumele ngihlale ngilungile ngoba abashwibi abaqala phambili yibona abahlola inkundla ukuthi imi kanjani.”

I-India igcine ikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-162 yapha yonke, yehluleka ukufika ku-214 ebuliwubekelwe amaProteas.

Emdlalweni olandelayo la maqembu azophinde atholane phezulu eHimachal Pradesh Cricket Association Stadium, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.