AmaProteas

UMulder uphoqoze amarekhodi njengokaputeni wamaProteas kwaBulawayo

SIHLE NGUBO

UWiaan Mulder, weNingizimu Afrika, uphoqoze amarekhodi njengokaputeni, amaProteas ebhekene neZimbabwe kwiTest yesibili osukwini lokuqala, eQueens Sports Club, kwaBulawayo, eZimbabwe.

UMulder uyena ongukaputeni njengoba engekho uTemba Bavuma, olimele, noKeshiv Maharaj, obengukaputeni kwiTest yokuqala kodwa kwaphela umdlalo eselimele.

UMulder uqale wephula irekhodi lokuba umdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ubuhlanganisa ama-run angu-150 emdlalweni wakhe wokuqala njengokaputeni.

Uqhubekile uMulder wahlanganisa ama-run angu-200 okokuqala ngqa selokhu eqale ukudlala imidlalo yeTest.

Ngemuva kwalokho uMulder ubesedlala sengathi udlala umdlalo wosuku olulodwa, ededela o-6 no-4.

Bekubukeka sengathi ngeke esawuhlanganisa u-250 uMulder ngesikhathi ekhishwa uChivanga ena-247.

Nokho kuhlaluke ukuthi lo mdlali waseZimbabwe uweqe kakhulu umugqa (no ball) ngesikhathi eshwiba.

UMulder uwuhlanganisile u-250 emabholeni angu-243, okumenze wadlula kuma-run angu-1000 emidlalweni yeTest.

Kuvalwe usuku uMulder esehlanganise ama-run angu-264 kanti iNingizimu Afrika ibina 465/4.

Lo mdlali, okwazi ukushwiba nokubhetha, kusele kancane ephule irekhodi likaGraeme njengokaputeni, elingu-277.

Unethuba lokwephula irekhodi likaHashim Amla elingu-311, okunguyena umdlali wamaProteas osakwaze ukufinyelela ku-300.

IZimbabwe iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba ekuqaleni kosuku. UMulder uthe bebevele bezobhetha kuqala ukube bawine ithosi.