AmaProteas

Umdlali wamaProteas uhlawuliselwe ‘ukuvalelisa’ owase-India

SIHLE NGUBO

Ukuvalelisa kuhlale kuthathwa njengento enhle, nekhombisa ukuthi bekumnandi ukuba nalowo osuke usumbona okokugcina, okungasenani okwaleso sikhashana.

Nokho umshwibi wamaProteas, uNonkululeko Mlaba, usezithole ebhekene nolaka lwe-Interanational Cricket Council (ICC), kulandela ‘ukuvalelisa’ ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene ne-India emdlalweni weNdebe yoMhlaba yabesifazane, ngoLwesine.

UMlaba, waseThekwini, usehlawuliswe ukuthi aphucwe iphuzu elilodwa ngemuva kokukhipha uHarleen Deol wase emthathazela, kulo mdlalo obuseDr Y.S. Rajasakhara Reddy Cricket Stadium.

Ngokusho kwe-ICC isenzo sikaMlaba, oneminyaka engu-25, besingasusa uthuthuva, yikho ikhethe ukumhlawulisa.

Kulo mdlalo uMlaba ugcine ethathe amawikhethi amabili, kanti amaProteas ashaye iqembu lasekhaya ngamawikhethi amathathu, okuyinto elifake emaqenjini amane aphezulu.

Umdlali ogqamile noshayise amaProteas intambo, uNadine de Klerk ohlanganise ama-run angu-84 engaphumanga.

UMlaba udlala kahle kakhulu selokhu kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2025, eqhubekayo e-India.

Ungomunye wabashwibi beqembu lakuleli okuthenjelwe kubona, futhi akumangazi ukuthi usethathe amawikhethi ayisithupha.

Kuzophinde kubhekwe uLefty, njengoba aziwa kanjalo kwikhilithi, uma amaProteas esedlala umdlalo wesine weNdebe yoMhlaba neBangladesh, ngoMsombuluko ngo-11.30 ekuseni.

Akulindelekile ukuthi kube noshintsho eqenjini elishaye i-India ngoLwesine uma kubhekwa indlela elenze kahle ngayo.

Ukunqoba kwamaProteas kwiBangladesh kuzowanika ithemba lokuba kweyandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba, ngaphambi kokubhekana nePakistan kanjalo neSri Lanka.

Mane amaqembu azodlulela phambili uma sekusongwe imidlalo yamaphuzu, lapho lingekho izwe elingeke lidlale nelinye.