EzakamuvaIbhola

‘Abalandeli beChiefs abanaso isineke,’ kusho ingwazi

INTATHELI YEMPEMPE

Owayengumgadli weKaizer Chiefs, uMatthew Rusike, ukhala ngokungabekezeli kwabalandeli beleli qembu laseNaturena, abafuna imiphumela ngokushesha.

Njengamanje iChiefs iqeqeshwa ngokubambisana uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze, abebengamaphini kaNasreddine Nabi olishiyile iqembu ngasekuqaleni kwesizini.

Abalandeli baMakhosi abaningi basho ngazwi linye ukuthi leli qembu kumele liqashe uPitso Mosimane, okumanje akanalo iqembu alicijayo.

“Ngicabanga ukuthi njengabalandeli beKaizer Chiefs asinaso isineke,” kusho uRusike waseZimbabwe

“Ngicabanga ukuthi uKaizer Motaung Junior wenza umsebenzi oncomekayo njengeSporting Director, mayelana kokuthola abadlali nokunye. Kumele sibe nesineke.”

IChiefs isendaweni yesihlanu kwilogi futhi ingelinye lamaqembu asembangweni wesicoco seligi.

Amakhosi asekhona nakwiCAF Confederation Cup lapho eshaywe kanye aphinde adlala ngokulingana emidlalweni emibili yamaqoqo.

“Iqembu lidlala kahle manje, kodwa ebholeni kuwo wonke umhlaba, uma abaqeqeshi bengayitholi imiphumela bayaxoshwa, kuhamba kanjalo nje.

“Uma abaqeqeshi ababili behluleka ukuwina bazoshintshwa. Kunjalo nje.

“Kulabo abafuna umqeqeshi uPitso Mosimane, alikho iphutha, ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu.

“Noma yiliphi iqembu emhlabeni lingathanda ukumqasha ngoba siyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza.

“Kodwa okwamanje ngicabanga ukuthi kumele siyeke uKaizer Junior abhekane naleso simo.

“Uma laba baqeqeshi benza kahle bazoqhubeka. Uma bengayilethi imiphumela emihle bazohamba. Kuhamba kanjalo ebholeni.”

IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoJanuwari 20.

Leli qembu alinabo abadlali eqenjini lesizwe iBafana Bafana, ngakho linethuba elihle lokubuya ngamandla ngemuva kwe-Africa Cup of Nations eseMorocco.