EzakamuvaIbhola

UKhune usefana nolinde intombi esacabanga kwiChiefs

SIHLE NGUBO

U-Itumeleng Khune ulinde ukuthi iKaizer Chiefs ithathe isinqumo mayelana nokuthi uzohlala yini eqenjini nokuthi yikuphi azobe ekwenza uma ehlala.

Lo nozinti, oneminyaka engu-37, inkontileka yakhe neChiefs ifinyelele esiphethweni ngoJuni 30. IChiefs ayikayivuseleli kodwa akazange atshelwe ukuthi akabone eza ngayo njengabanye.

Emasontweni edlule iChiefs ihlukane noKeagan Dolly, osejoyine iSuperSport United, uSiyethemba Sithebe, ozoyibamba kwiRichards Bay FC, noSifiso Hlanti, obengakalitholi iqembu. Bonke laba badlali bebephelelwa yizinkontileka kodwa batshelwa ukuthi ngeke zisavuselelwa. 

Omunye umdlali ongeke esabonakala kuMakhosi ngesizini ezayo, uNjabulo Ngcobo. Lesi sitobha, esifike kwiChiefs sivela kwiMoroka Swallows, kuvela ukuthi sizothushuka kwiSekhukhune United ngesizini ezoqala.

Ngahlangothini lukaKhune kusathule kodwa uJessica Motaung, oyiMarketing Director yeKaizer Chiefs, uchazile ukuthi kuqhubekani ngalo nozinti.

“Nakanjani sinezingxoxo noKhune kodwa iqembu lizosenza isimemezelo,” kusho uMotaung ngesikhathi kwethulwa iToyota Cup.

“Sekuphele iminyaka engu-25, ufana nomnewethu omncane. Sinezingxoxo mayelana nokuthi yikuphi angakwenza futhi sizokumemezela lokho kungekudala.”

UKhune akahambanga neqembu njengoba liyolungiselela isizini entsha eTurkey. Nokho ngokwenkulumo kaMotaung akusho ukuthi sekuphelile ngaye kwiChiefs.