EzakamuvaIbhola

Ubabophele bonke abasha uMolefi Ntseki kowobungani weChiefs

Sbongs Gumbi

Kuyacaca ukuthi uMolefi Ntseki ufike nesiqalo esisha kwiKaizer Chiefs njengoba ebabophele bonke abadlali abakhe abasha emdlalweni wobungani eTanzania. 

UMolefi Ntseki wethulwe njengomqeqeshi weChiefs kwavela ukungenami kwabanye babalandeli baleli qembu laseNaturena. 

Lokhu kwenziwa wukuthi babebheke ukuthi kuthathwe uNassredine Nabi onamava angcono kunoMolefi Ntseki.

Abalandeli baMakhosi bakubheke ngabomvu ukubona okokuqala isandla sikaNtseki uma esehola iqembu lakhe libhekene nezinkunzi zaseTanzania, iYoung Africans ngoMgqibelo ntambama.

Lo mdlalo oseBenjamin Mkapa Stadium eDar Es Salam uzosakazwa bukhoma kuSS5 ngo-6 ntambama. 

UMolefi Ntseki ubonakala ezimisele ngokukhombisa isandla sakhe eqenjini njengoba ezowuqala ngabadlali abayisithupha abasha.

IChiefs isayinise abadlali abayisikhombisa njengoba ibheke ukuvuka iqede ihlazo lendlala yezindebe yeminyaka eyisishiyagalombili.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo, uNtseki uthe lolu hambo luzobasebenzela ukulola abadlali bakhe. 

Uthi ufuna bezwe ukuthi kunjani ukudlala imidlalo yamazwe ngamazwe ukuze baloleke, bese belwela ukuwina iDStv Premiership ukuze badlale kwiCaf Champions League. 

“Sijabule ngokuba seTanzania. Njengeqembu, sike saba lapha phambilini (sidlala neSimba SC kwiChampions League). 

“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu. Sijabule ngamalungiselelo, futhi sijabule ngokuba lapha,” kusho uMolefi Ntseki esithangamini nabezindaba.

“Kuyisinyathelo esihle kakhulu esisithathayo ukudlala ngaphandle kwezwe ukuze sikwazi ukuzwa ukuthi kunjani uma sizonqoba iligi bese sidlala kwiChampions League…

“Sikubheke ngabomvu ukuba neqembu eliqinile esizolwa ngalo kwiligi, futhi uma izinto zihamba kahle, sizozibona sesidlala kwiChampions League.”

Umdlali omusha ongekho eqenjini likaNtseki ngumgadli uRanga Chivaviro okuvela ukuthi ulimalile ngesikhathi iqembu lizicijela isizini entsha ekhempini yaseMpumalanga.

Kodwa ukube ubekhona, kubukeka sengathi uNtseki ubezoqala ngaye. UPule Mmodi, Edson Castillo, Mduduzi Mdantsane, Given Msimango, Thatayaone Dithlokwe noTebogo Potsane bazoqala klulo mdlalo weYanga.

U-Itumeleng Khune naye ubuyile futhi ungukaputeni. UYusuf Maart, Edmilson Dove, Zitha Kwinika noChristian Saile yibona kuphela abasindile eqenjini langesizini edlule.

FUNDA NALA: Abadlali abahlanu beBanyana abazoba wukhiye eNdebeni yoMhlaba

Ibophela kanje iChiefs:(4-2-3-1) Khune – Kwinika, Dove, Ditlhokwe, Msimango – Maart, Castillo – Mmodi, Potsane, Mdantsane – Saile.