EzakamuvaIBafana Bafana

ISAFA iphawula ngodaba lukaBroos noMbokazi oselususe umsindo

SIHLE NGUBO

ISouth African Football Association (SAFA) seyikhiphe isitatimende lapho iphawula ngento esisabalele, ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, ucwasa ngokwebala nangokobulili.

Lezi zinsolo zivele ngemuva kokuthi uBroos egxeke isenzo sikaMbekezeli Mbokazi sokufika sekudlule isikhathi ekhempini yeqembu lesizwe ePitoli.

UMbokazi, waseHluhluwe, ufike ekhempini yeBafana Bafana, ePitoli, ngoLwesithathu ekubeni abanye abadlali bafike ngoLwesibili.

Lo mqeqeshi waseBelgium uphinde wagxeka i-agent kaMbokazi ngokusayina kwakhe kwiChicago Fire edlala kwiMLS, e-USA.

Nokho into esisuse ukukhuluma kakhulu ukuthi uBroos uthe uMbokazi uzongena egunjini engumuntu omnyama kodwa aphume esongumuntu omhlophe.

“Kuyinto engemnandi ukuthi ukuqinisa kwami amazwi ngikhuza ukuziphatha komdlali, sekuvele ukuphawula okuhlanakezelwe kokuthi engikushilo kunokucwasa ngokwebala nangokobulili,” kusho uBroos esitatimendeni seSAFA.

“Ngiyaziqhelelanisa nezinsolo zokucwasa ngokwebala nangokobulili.

“Kuyangixaka ukuthi umqeqeshi angachazwa ngendlela enjena uma kukhulunywa ngomdlali abelokhu emeseka, kusukela amqoka okokuqala ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.”

Ngokusho kweSAFA inkinga yokuqonda ulimu (olukhulunywe uBroos) ibe nomthelela omkhulu kulo msindo, owenze abantu bekhuluma sakuphikisana ezinkundleni zokuxhumana.

ISAFA igcizelele ukuthi okushiwo uBroos bekuqondene bebhola kuphela futhi beyingekho inhloso yokucwasa.

Ithe inhlangano, abadlali nabo bonke abasebenzi, bayameseka umqeqeshi njengoba iBafana Bafana ilungiselela i-Africa Cup of Nations (AFCON).

IBafana Bafana izobhekana neGhana emdlalweni wobungani, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.

Ngemuva kwalokhu iqembu lesizwe lizobhekisa amabombo eMorocco, ukuyolungiselela umdlalo wokuqala we-AFCON lapho lizobhekana ne-Angola ngoDisemba 22.