EzakamuvaIBafana Bafana

Bese kukhona ukuphambuka kuMbokazi, ngokusho kwabaqeqeshi

SIHLE NGUBO

Ubona igolide lodwa kuMbekezeli Mbokazi, umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, yikho nje efuna ukumvikela lo mdlali we-Orlando Pirates.

UBroos usanda kufunda isitatimende lapho ebexolisa kuMbokazi, njengoba kukhona abebemsola ukuthi wakhuluma amazwi anokucwasa ngobuhlanga kuyena.

Ngesikhathi exolisa uBroos uchazile ukuthi akayena umuntu ocwasa ngokobuhlanga nangokobulili, njengoba kucatshangwe kanjalo ngemuva kwesitatimende sakhe ngeledlule.

Okuhlalukayo nokho ukuthi uBroos uyazifela ngoMbokazi futhi ufisa ukumbona enekusasa eliqhakazile.

“UMbokazi unikwe ithuba lokukhethwa eqenjini lesizwe, wase waba umdlali obizwa njalo kusukela ngoJuni nonyaka,” kusho uBroos esitatimendeni.

“Impilo yakhe ishintshe ngokushesha wase ezithola enabangani abaningi. Abanye bebeze ngobuhle, kodwa abanye bebezama ukumsebenzisa.

“Uma umdlali osemncane oneminyaka engu,-20 ezithola ekuleso simo ngokuphazima kweso, kumele athole ukuholwa okuqondile, ukuze umsize agweme ukuthatha izinqumo ezingalungile.

“Ikhadi elibomvu alithola emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, sibhekene neZimbabwe, esinye sezinqumo ezingaphusile, futhi lokho kwangishiya nginemibuzo.

“Okwangikhathaza nakakhulu ukuthi wayevikelwa abantu abathile…”

UBroos wagxeka kakhulu iPirates ngokuvikela uMbokazi kulesi simo sokufika sekudlule isikhathi ekhempini yeqembu lesizwe.

Nokho wabuye waveza ukuthi umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, uke wakhuluma ngokuvulelekile ngokukhathazeka mayelana nokuziphatha kukaMbokazi.

Lo mdlali uzojoyina iChicago Fire yase-USA ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (AFCON) eseMorocco kusuka ngeSonto.

UMbokazi akazange adlale ngesikhathi iBafana Bafana ishaya iGhana ngo 1-0 emdlalweni wobungani, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.

Njengoba eyodlala e-USA nje uMbokazi kungakubi kakhulu uma engafika khona esezithwele, bese ahluleke ukuziphatha ngendlela.

Yilokho okubukeka ezama ukukukhalima ngokushesha uBroos, odabuka eBelgium, ikakhulukazi njengoba lo mdlali eseneminyaka engu-20 kuphela.