Eminye imidlaloEzakamuva

IStellies seyimemezele umqeqeshi omusha owayejica iChiefs

SIHLE NGUBO

IStellenbosch FC seyimemezele umqeqeshi uGavin Hunt njengozothatha izintambo zokucija leli qembu, okungalihambelo kahle kwiBetway Premiership.

UHunt, obesanda kwehlukana neDurban City, uzongena ezicathulweni zikaSteve Barker, oshiye iStellies wayoqeqeqesha iSimba SC yaseTanzania.

Ngasohlangothini lweCity seyiqashe uSinethemba Badela, obekuqale isizini eqeqesha iChippa United.

Isikhulu esiphezulu seStellenbosch, uRob Benadie, sizwakalise ukujabula okukhulu ngokufika kukaHunt eqenjini.

“Sinentokozo ukwamukela umqeqeshi uGavin Hunt, onamava kakhulu, kwiStellwlenbosch,” kusho uBadien.

“Sikubheke ngabomvu ukumeseka njengoba sithatha igxathu elisha eqenjini.

“Siyaziqhenya ngabaqeqeshi abahle balapha nabangaphandle abafake izicelo zokucija iqembu.”

UHunt unomsebenzi onzima wokususa iqembu ngasemsileni lapho litabalasa khona selokhu kuqale isizini.

Omunye umsebenzi obhekene nalo mqeqeshi owake wacija iKaizer Chiefs, ukuyibamba kwiCAF Confederation Cup lapho iStellies idlala khona.

“Ngemuva kokucubungula kahle isimo ibhodi yethu iyazethemba ukuthi ithole umqeqeshi okahle weStellenbosch FC,” kuqhuba uBadien.

“Njengoba engumnqobi ngokudalwa, uHunt ungumqeqeshi osedonse isikhathi eside kunabo bonke kwiPSL, futhi usenqobe izindebe eziningi eNingizimu Afrika.

“Unerekhodi elingangatshazwa okuyinto ehambisana ngqo nalokho okufiswa yiqembu.

Mayelana nokuqashwa kwakhe uHunt uthe: “Ngizizwa ngihloniphekile kakhulu ngokujoyina iStellenbosch FC kulesi sikhathi esihle kanje.

“Leli yiqembu elicabanga ukuya phambili futhi linombono ocacile. Ngemuva kokuba nengxoxo yokuqala nesikhulu esiphezulu nabasebenzi, ngiyabona ukuthi bafunani nokuthi iyiphi indlela yokungeseka abanayo.

“Lokhu kubaluleke kakhulu kubo bonke abaqeqeshi abafuna ukuphumelela. IStellenbosch seyakhe iqembu ngendlela ehlukile eminyakeni edlule, ngakho ngiyagqugquzeleka ukwakhela phezu kwalokho.

“Mkhulu umsebenzi osihlalele kodwa ngizizwa nginomdlandla ngenselelo esibhekene nayo…”