UGert Schalkwyk uncoma iPirates ngomkhaya wakhe uMosele
Alfred Ngubane
Ikhakha ye-Orlando Pirates uGert Schalkwyk uthi i-Orlando Pirates yenze into enhle ngokubolekisa ngomkhaya wakhe uGoodman Mosele kwiChippa United.
UMosele ubukeka ebuyela ebholeni lakhe njengoba esekwiChippa nje. Emidlalweni emithathu uqokwe njengomdlali ovelele kwemibili.
Futhi nguye ovimbe iPirates ukuthi ibuyele ekhaya namaphuzu agcwele ngesikhathi eshaya igoli lokulinganisa leChippa emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.
“Ngikulumile noGoodman ngesikhathi eyojoyina iChippa,” ucashunwe esho kanje uGert Schalkwyk kwiKickOff.
“Ngithe kuye, mfo, awusekho kwiPirates manje. Kuyo yonke imidlalo oyidlalayo, dlalela ukusikhombisa lo Goodman esimaziyo.
“Ukukhuluma iqiniso nje, ubephoxekile ngokushiya kwiPirates. Kodwa ngikhulumile naye, manje sekuyabonakala ukuthi kusizile.”
UGert Schalkwyk ungumkhaya kaMosele ngokuthi badabuka eKlerksdorp, eNorth West bonke. Uthi uMosele unamaphupho amakhulu ngebhola lakhe.
“Ungitshele ukuthi isifiso sakhe esikhulu ukuyodlala phesheya e-Europe. UGoodman umfana wangakithi eKlerksdorp.
“Uyalazi ibhola loya mfana, zwana ngami. Asikaboni lutho okwamanje. Mina ngimazi eseneminyaka engu-15 nje kuphela.
“Ngijabule ngendlela adlala ngayo manje. KwiPirates uphazanyiswe yizinkinga zasekhaya. Yingakho kube kuhle ukuthi ake ashiye kwiPirates.
“Kuzomsiza ukubuyisa ukuzethemba… Ngesikhathi ekwiBaroka ubekhululekile yingakho ayedlala kahle nje.
“Nangesizini yakhe yokuqala kwiPirates wadlala kahle. Uzobuyela nakwiBafana Bafana maduze nje uzobona. Kumfanele lokho.”
UGert Schalkwyk uphinde wancoma nesenzo sePirates ngokumngamvimbeli ukuthi adlale kwiChippa uma bebhekene nayo.
“IPirates okungenani ayifani ne(Mamelodi) Sundowns la bebolekisa ngomdlali bese engakwazi ukudlala nayo,” kusho le nsizwa eyadlala nakwiKaizer Chiefs.
“Umqeqeshi wePirates uyamazi uGoodman nekhono lakhe. Kodwa ngenxa yezimo ezithile akakwazanga ukumelana nengcindezi yokudlala kwiPirates.
FUNDA NALA: Maema: Esikutshelwe umqeqeshi ngokugxekwa kweDowns
“Kodwa ke usemncane…” UMosele ngomunye wabadlali uMorgan Mammila athembele kubo njengoba bezobhekana neSundowns nje ngoMgqobelo.